I-NSFAS icubungula izicelo zoxhaso lwemfundo zango-2026

SHEILA MHLONGO

Uhlelo Lukazwelonke Losizo Lwezimali Zabafundi (NSFAS) selucubungule zonke izicelo zoxhaso lwemfundo ngaphambi kokuqala konyaka wezifundo zango-2026.

“INFSAS iyakujabulela ukuqinisekisa ukuthi zonke izicelo zoxhaso lwemfundo zango-2026 sezicubunguliwe ngaphambi kokuqala konyaka wezifundo zango-2026, njengoba sasithembise mhla zingama-31 kuZibandlela 2025. Bonke abafundi bangabheka isimo sezicelo zabo ku-NSFAS Portal,” kusho lolu hlelo.

Isimo sezicelo simi kanje:

Abafundi abangena okokuqala ezikhungweni zemfundo ephakeme

  • Izicelo ezifanele ukuthola uxhaso lwezimali: 609 403
  • Izicelo ezinqatshiwe ukuthola uxhaso lwezimali: 49 538
  • Izicelo ezingaphelele (zisalindele amadokhumenti): 218 043
  • Izicelo ezihoxisiwe noma ezikhanseliwe: 16 863
  • Inani eliphelele: 893 847

Esitatimendeni sayo sangoLwesihlanu, i-NSFAS ithe abafundi abangena okokuqala, abahlangabezana nemigomo yokufaneleka ngokwezimali, bangase badinge ukuqinisekiswa kokwamukelwa okusemthethweni esikhungweni semfundo ephakeme.

Ezimweni eziningi, lokhu kuqinisekiswa kuzotholakala kuphela uma sekukhishwe imiphumela kamatikuletsheni.

Izicelo ezibhalwe njengezisesigabeni “siyacubungulwa” futhi ezivezwe njengezingaphelele, zihlobene nezimo lapho kusalindwe khona amadokhumenti angeziwe.

“Lezi zicelo zibuyiselwa ukuze ziphinde zihlolwe uma abafakizicelo sebehambise imininingwane edingekayo. Izaziso zithunyelwe kubafundi abathintekayo, kwezinye izikhathi zathunyelwa nangaphezu kwesikhathi esisodwa, zikhombisa ngokucacile amadokhumenti okufanele ahanjiswe,” kusho i-NSFAS.

Amadokhumenti asalindelekile ikakhulukazi afaka ifomu lemvume yabazali, elivumela ukuqinisekiswa kwemali engenayo yomndeni, kanye nemininingwane ephelele yomzali noma yomnakekeli ehambiswe ngeFomu Lesimemezelo se-NSFAS eligcwaliswe kahle futhi lasayinwa.

Uhlelo losizo lwezimali lukhumbuze abafakizicelo abanamadokhumenti asalindile ukuthi banesikhathi sezinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku abazisiwe ngalo ukuze bahambise imininingwane edingekayo. Izicelo eziyohlala zingaphelele ngemuva kwezinsuku ezingama-30 ngeke ziqhubeke nokucutshungulwa futhi zizothathwa njengezingaphumelelanga.

Abafundi abaqhubekayo

  • Abafundi abaqhubekayo abahlangabezane nezimfuneko zokuqhubeka kwezifundo: 416 688
  • Abafundi abaqhubekayo abangahlangabezanga nezimfuneko zokuqhubeka kwezifundo: 129 264
  • Inani eliphelele labafundi abahloliwe: 545 952

Abafundi abaqhubekayo bangabafundi ababekade bexhaswe yi-NSFAS futhi abahlangabezane nezimfuneko zokuqhubeka nezifundo ukuze baqhubeke nokuxhaswa. Kulaba bafundi, imininingwane imayelana kuphela nabafundi baseyunivesithi, njengoba imiphumela yezikhungo ze-TVET ikhishwe mhla ziyi-13 kuJanuwari 2026.

Inqubo yokudlulisa izikhalo (ama-appeal)

Abafundi abanqatshiwe, kungaba abangena okokuqala noma abaqhubekayo, banelungelo lokudlulisa isikhalo ngesinqumo se-NSFAS.

Ngonyaka wezifundo zango-2026, i-NSFAS isiphinde yalungisa futhi yenza lula inqubo yokudlulisa izikhalo ukuze kuqinisekiswe ukuthi wonke umfundi unikezwa ithuba elilinganayo nelilungile lokuthi isicelo sakhe siphinde sibuyekezwe.

“Lapho sebethole umphumela wesicelo sabo se-NSFAS, abafundi abafisa ukudlulisa isikhalo kudingeka baqale inqubo ngokushesha. Isikhathi sokwamukela izikhalo sivuliwe, futhi i-NSFAS izokwazisa abafundi ngemiphumela yezikhalo zabo ngokuqhubekayo,” kusho lolu hlelo losizo lwezimali.

Luphinde lwagcizelela ukuthi kubalulekile ukuthi abafundi bahambise wonke amadokhumenti asekelayo adingekayo njengengxenye yesikhalo sabo, njengoba izikhalo ezingaphelele zingeke zicutshungulwe.

“Abafakizicelo banikezwa isikhathi esiqinile sezinsuku ezingama-30 kusukela ngosuku abaziswa ngalo ngomphumela ukuze bahambise amadokhumenti adingekayo futhi baqedele isikhalo sabo. Ukwehluleka ukuhambisa amadokhumenti adingekayo kulesi sikhathi kuzoholela ekulahlekelweni yithuba lokudlulisa isikhalo.”

I-NSFAS ikhuthaze abafundi ukuthi balungiselele kusenesikhathi wonke amadokhumenti abalulekile futhi balandele ngokuqikekela izinsuku zokugcina ezibekiwe ukuze izikhalo zabo zicatshangelwe ngesikhathi esifanele ngaphandle kokubambezeleka okungadingekile.

Izinkokhelo zokugcina (Mop-up payments)

Ngaleso sikhathi, lolu hlelo selukhokhe izimangalo eziningi ezazisalele ezikhungweni zemfundo ephakeme kanye nezikweletu zabahlinzeki bezindawo zokuhlala.

Lapho kusenezinkokhelo ezingakapheleli, i-NSFAS izibophezele ekusebenzisaneni nabahlinzeki bezindawo zokuhlala ukuxazulula lezi zimangalo ngesikhathi, futhi icela abahlinzeki bezindawo zokuhlala ukuthi bafake izimangalo zabo ngezindlela ezifanele ze-NSFAS.

Imiphumela kamatikuletsheni yango-2025

Njengoba uMnyango Wezemfundo Eyisisekelo uzokhipha imiphumela kamatikuletsheni ngoMsombuluko, ziyi-12 kuJanuwari, i-NSFAS idlulisele izifiso ezinhle kubo bonke abafundi bakamatikuletsheni.

“Ngesikhathi Ikilasi LikaMatikuletsheni Lango-2025 lilindele ukukhishwa kwemiphumela yalo, i-NSFAS ithanda ukudlulisa izikhuthazo zethu eziqotho nezifiso ezinhle kuwo wonke umfundi. Lesi yisikhathi esigcwele ukulangazelela nethemba — okuwubufakazi beminyaka yokusebenza kanzima, ukuzinikela nokubekezela.

“Kungakhathaliseki umphumela, senivele nikhombisile amandla amangalisayo nokuzimisela ngokufinyelela kulesi sigaba esibalulekile. Khumbulani ukuthi uhambo lwenu lusanda kuqala, futhi amathuba amaningi esanilindile,” kusho lolu hlelo. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *