UZanele Khoza wase Bergville  ongumculi kaMaskandi nomlingisi ufisa ukuthuthukisa ithalente lakhe kanye nebhizinisi

Igama ngu ZANELE  ZOTHILE  KHOZA ekhaya kuse Begville  eMangwaneni, eMagangangozi , ngicula uMaskandi ngibuye ngibe ngumlingisi (actress) kuma soapie afana ne(NKANUKO) bengiyi main character ngidlala indawo ka THEMBE, ngibuye ngalingisa ku soapie (IMVELAPHI) ngiyi main character ngidlalindawo umama wakwa ((MHAYSE) ngokomculo ngisebenza ne company N’groove Sound.

Kulonyaka ngifisa ukuqhubeka nomsebenzi wami we acting nomculo, kodwa besengenaba ngingene kwezama business ukuze ngibhalansise izinto ngoba ithalente nje malilodwa alilungi kumele kubenento obambelele kuyo ukweseka ithalente nobizo lwakho kwezobuciko. Engifisa ukukuyeka ukusebenza nabantu abangenanhloso nenqubekela phambili.

Ngizosebenza ngokuzimisela ngi promothe umsebenziwami kwezobuciko, inhloso ukuhambela izikole ngifundise intsha ngikhuthaze izingane ngokuthi noma kunzima kanjani kumele bazimisele futhi babekezele  ikakhulu labo abangenabazali ngoba nami ngashiywa abazali badlule emhlabeni ngisancela ngikhule kanzima angikaze ngaphile impilo engiyithandayo bengiphila ngokuhlala emzini yabantu, ngiphila ngokuhlale ngibaleka njengenyamazane, langifika khona bekungapheliskhathi eside ngifikile’ endaweni ngivele ngisukelwe abantu ngilwe kuze kudingeke ngisuswe kuleyondawo,ngifunde ukuzivikela nokuzilwela ngisemncane ngoba abantu babethatha usizi lwami nokuhlupheka kwami bakwenze ihlaya, yingakho bengizithola sengilwa njalo futhi ke ngingumuntu onobizo ngimbethwe ngabadala, futhi ngibonga uMdali sengikhulile ngiphumile kulezinto zokulwa ngifuna ukuthula manje. mina ngifunde ukuzondla ngoba ubengekho obezongenzela konke lokhu, ngifisa ukugqugquzela intsha ngokuthembela nokubambelela emaphusheni abo.

Abaculi engifisa ukusebenza nabo ngu Thandiswa Mazwayi, Lwa Ndlunkulu, Big Zulu, Zola 7,  Valangentsimbi, nabanye nje, ngingumuntu othanda ukusebenza namaciko acula umculo owahlukene hhayi uMaskandi kuphela.

Engikufundile kulonyaka ophelile ukuthi kumele ufunde ukulinda iskhathi obekelwe sona nguMdali sempumelelo, ngineminyaka eminingi ngizama emculweni nginama Album angu- 6 engiwenzile phambilini, ngidliwe imali eningi kodwa impumelelo dololo, babengishaya ngezethembiso ngikhokhe kwaze kwaphela yona imali, ngenxa yokushoda kolwazi nabantu abasebenza ngeqiniso kule industry, ngize ngathola ukuphumelela sengihlangene no RAS OBRIGADO wase Nkandla ocula umculo we Reggae okunguye ongifake e N’groove Sound ngenza EP yami eyenze laphum” iqhina embizeni nakhu namhlanje ingoma yami( uMTHWALO WAMI UYASINDA) isiphenduke ibika le Story esidlala ku SABC 1 (Amalanga Awefani) lokho kusho impumelelo kimi nokunqoba uhambo lwami.

Abalandeli bangalindela okukhulu  engizokwenza ukutholakala kwami kuma Shows ,festivals, nakuma events amakhulu ,ngizobonakala nje kuma Television ngoba ngibhizi sengiqalile ngishutha music video kumanje, ngisazogxila nje kakhulu kuyo le EP nokusebenza ngokuhlanganyela ft nabanye abaculi.

 Abalandeli bami nabobonke abantu abathanda umculo wami uyatholakala kuzozonke izitolo ezisemthethweni ezithengisa umculo Distrokid, Spotify, ITunes, YouTube, TikTalk yonkindawo.Ofisa ukungithinta angangithola ku Facebook page: Bonangaye Khoza ,kanti ama Bookings (084 389 5905)( 073 858 4165) ( 081 431 7627) N’groove Sound facebook page .e-mail : ngroovesond@gmail.com.

Syathokoza ngokusebenzisana nani ngonyakophelile lokho okwenze ukuthi zaziwe nokuthi siphumaphi emakhaya, konkelokho kube yigalelo lenu njenge KZNNamuhla kanjalo nama KZN music Award asipha umfutho nokuthi kumele sisebenze kusakhanya sisebenze ngokuzinikela nokuzimisela syathokoza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *