
UMasipala weTheku uyaqhubeka nokuqinisa ukuzibophezela kwakhe kwezokuphepha nokuvimbela ubugebengu ngokwandisa iK9 Unit yeDurban Metro Police, eqinisa ukugxila kweDolobha ekuvikeleni imiphakathi nasekubuyiseni ukwethenjwa komphakathi.
Bangu-13 abaphathi bezinja abasanda kuqeqeshwa abethulwe ngokusemthethweni ngesikhathi somkhosi (parade) obubanjelwe eduze kwe Moses Mabhida Stadium, lapho bekhombise khona amakhono abo okubona izidakamizwa, ukulandelela abasolwa, kanye nokulwa nemisebenzi engekho emthethweni.
Lesi sigameko sibonisa igxathu elikhulu ekuthuthukiseni amandla okusebenza kwezomthetho eDolobheni.
Ngemuva kwezinyanga ezine zokuqeqeshwa okujulile, ukwengezwa kwala malungu ayi-13 kuletha isibalo sabasebenzi beK9 Unit saba ngu-20, okwandisa ikhono lamaMetro Police lokuphendula kahle ezimweni zobugebengu.
IPhini leMeya laseThekwini kanye noSihlalo weKomidi lezoKuphepha Komphakathi, uKhansela uZandile Myeni, ugcizelele ukubaluleka kweK9 Unit emisebenzini yamaphoyisa yesimanje.
Uchaze leli qembu njengamandla abalulekile okusiza ekutholeni izidakamizwa, iziqhumane, nezibhamu ezingekho emthethweni, kanye nasekulandeleleni abasolwa.
“Njengoba ubugebengu buqhubeka nokuba inselelo emiphakathini yethu, kubalwa ukuhweba ngezidakamizwa, ukuntshontshwa kwezimoto (hijackings), nobugebengu obunodlame, ukuthunyelwa kwamaqembu akhethekile njengeK9 Unit kubalulekile ekuqineni kwemizamo yethu yokuphendula nasekuthuthukiseni ukuphepha komphakathi,” kusho uMyeni.
UMasipala uyaqhubeka nokwenza inqubekelaphambili ebonakalayo ekufezeni umbono wakhe ka-2030 wokuba yidolobha elihamba phambili e-Afrika ngokuphila kahle nokunakekela abantu, lapho ukuphepha nokuvikeleka kuhlala kuyizinto ezisemqoka.
UKhomishana weMetro Police uSibonelo Mchunu ukhuthaze la maphoyisa amasha ukuthi agcine izimiso zobuqotho nokuziphendulela, ebakhumbuza ukuthi umsebenzi wabo uhambisana namandla kanye nokwethenjwa komphakathi.
Inhloko yeKolishi uGeraldine Stevens nayo yamukele amalungu amasha eK9 Unit, iwakhuthaza ukuthi asebenze ngokuzithiba, isibindi, nobungcweti.
Umkhosi wokuphothula uqeqesho (passing-out parade) uphawula ukuqala kokusebenza kwalezi ziqembu emisebenzini esemthethweni.
Amakhono abo akhethekile kanye nokubambisana okuqinile phakathi kwabantu nezilwane kubenza babe yimpahla ebalulekile empini eqhubekayo yokulwa nobugebengu.
Lo mcimbi uphinde wagqamisa ukuzinikela, ukubambisana, nokuzimisela okuyisisekelo ekusebenzeni kahle kwamaphoyisa nasekusebenzeleni umphakathi.

