
Kuhlaziywe inkulumo kaMengameli wezwe emhlanganweni we DDP Public Forum SONA 2026
SHEILA MHLONGO
Inhlangano engenzi inzuzo iDemocracy Development Program NPC (DDP) ibambe isigcawu sokubonisana nezinhlangano zomphakathi ezingenzi inzuzo (Civic Organisations) ngenhloso yokubonisana mayelana nenkulumo yesizwe eyathulwa uMengameli wezwe (SONA) ngomhlaka 26 February 2026. Lomhlangano ububanjelwe eLangeni Hotel eThekwini ngomhlaka 26 Febhuwari.
Ethula inkulumo yokuvula uDktl. Paul Kariuki onguMphathi jikelele we DDP, utshele izethameli ukuthi inhloso yokumema umhlangano ukuthi kuboniswane mayelana nenkulumo yesizwe (SONA) eyathulwa uMengameli wezwe uMnu Cyril Ramaphosa ngenyanga edlule, kuphinde kucutshungulwe ukuthi ingabe inkulumo kukhona yini umehluko ewenzayo kubantu baseNingizimu Afrika noma kuyefana nje neminyaka yonke alukho ushintsho.
“Abaholi kumele bachaze ngomsebenzi wabo futhi abantu kufanele ukuthi bathole izimpendulo uma bengaboni imiphumela yezinkulumo zezethembiso abazenzayo.” Kusho uDktl. Kariuki.
UMnu. Spha Mhlongo obeqhuba uhlelo lwezingxoxo zokubonisana, wethula nezikhulumi ebeziqhuba izingxoxo ezithathelwe emaphuzwini avela kuyona inkulumo kaMengameli.
UMnu Mathew Kimble ofundisa e-University of KwaZulu-Natali (UKZN), kwezomthetho (Contract Law, International Law, uneziqu ze LLB and LLM azithola khona e-UKZN,ube esinye sezikhulumi.
UMnu Kimble ukhulume mayelana nokujutshwa kwaboMbutho wezokuVikela (SANDF), onikwe umsebenzi wokuthi uqaphe kwezinye zezingxenye zezwe okuhlanganisa phakathi kwazo indawo yase CapeTown ekhungethwe izimpi zezigelekeqe ezihweba ngezidakamizwa kanye nezenzo zobugebengu obudlangile, e-Gauteng, kanye nase Eastern Cape.
Echaza mayelana nombono wakhe uMnu u-Kimble uthe ukujutshwa kwaboMbutho wezokuVikela ezindaweni ezithile kuzodala inkinga ekusebenzeni ngokuzimela koMbutho wamaPhoyisa(SAPS), wabalula nokuthi yona iSANDF inenkinga yokungabi naso isabelo semali esanele, kanti futhi amasosha awaqeqeshiwe ukuthi akwazi ukulwa nobugebengu.
“Ukujutshwa kwamasosha akuyixazululi inkinga yokungalingani ngokwezinga lempilo ekhungethe abantu bakuleli, ukufakwa kwamasosha ezindaweni zemiphakathi kuyindlela nje yokuzama ukulungisa umonakalo ngendlela engeke ibe nemiphumela emihle ngoba umnyombo iwona okumele kubhekwane nawo.” Kusho uKimble.
UNksz Yolokazi Mfuto ongumhlaziyi wezepolitiki aphinde abe isishoshovu esilwela amalungelo ezentuthuko yomphakathi, kanti uneziqu ze Bachelor of Arts wengeza nge-Communication, History and Political Sciences an Honors degree in Political Sciences and International Relations,womabili uwazuze e-University of Fort Hare, naye uveze owakhe umbono mayelana nenkulumo kaMengameli.
UYolokazi ugxeke uMengameli wathi inkulumo yakhe ifana ncamashi neyomuntu obehaya inkondlo emnandi, ekubeni abantu bebhuquza enhluphekweni, njengoba ekhumbuze abantu ngoMthethosisekelo walelizwe.
“UMengameli ukhumbuze izakhamizi zakuleli ukuthi uMthethosisekelo wezwe uyazivumela ukuthi zibe namalungelo okwelashwa, ukuba nezindlu, ukudla, amanzi, ukuthola ukuhlinzekwa ngezibonelelo, imfundo, nokunye.” kusho uYolokazi.
“UMengameli ukhulume ngokukhula komnotho wezwe, kodwa lokho akusho lutho uma iningi labantu abampofu beshiywe ngaphandle, amathuba emisebenzi enqabile kukhona abantu abasalala bengadlile, ngapha intsha ifundile kodwa lutho amathuba omsebenzi.
Izibonelelo zikahulumeni (Social Grants) zibalulekile kakhulu kodwa azisho lutho uma abantu bengasebenzi ngoba akekho umuntu ongakhetha ukuhola isibonelelo sikahulumeni kunokuthi athole umsebenzi.
Inkohlakalo idla lubi eminyangweni kahulumeni, uMnyango wezaseKhaya nezisebenzi zawo zigcwele inkohlakalo,okwenza ukuthi izwe libe sengcupheni yokungaphephi, kanti nezakhamizi zikhathazekile ngokuphepha kwezwe .
Njengabantu bakuleli kumele sikhulume singathuli silokhu silalele izinkulumo ezigcwele izethembiso ezingafezeki, asisebenzise ivoti lethu ukwenza abaholi baphendule ngokungenzi kahle umsebenzi wabo.
Umbono wokuthi asiyidingi intando yeningi (Democracy) uyingozi kakhulu kodwa kumele sicabangisise ukuthi sizolisebenzisa kanjani ivoti lethu njengoba kuza ukhetho loHulumeni baseKhaya.” Kuphetha uYolokazi.
UMnu. Thapelo Mohapi obevela enhlanganweni Yabahlali Basemjondolo egatsheni laseThekwini naye usike elijikayo mayelana nenkulumo kaMengameli wezwe.
Ephawula uMohapi uzwakalise ukuthi inkinga yokuhlukunyezwa Kwabahlali Besemjondolo ilokhu iqhubeke njalo kusukela ngezikhathi zobandlululo kuze kube manje. Imiphakathi ixhashazwa iziqhwaga (Mafias) athengisela umphakathi onhlwempu umhlaba ngesamba semali engu-R25,000 baphinde besabise abaholi benhlangano yabo ngokubabulala.
Mayelana nenkulumo kaMengameli uMohapi, uthe, ayikho into ayishoyo ezosiza abantu,ngoba bayaqhubeka nenhlupheko yabo kodwa inqwaba yokudla iyalahlwa, uhulumeni akanendaba nentsha, inkohlakalo idla lubi amakhansela adayisa umhlaba.
“Uhulumeni we-ANC udakwe amandla, njengoba esebuse isikhathi eside.”Kusho uMohapi.

