UMasemola uphinde waqoka uMkhwanazi njengoKhomishana weSAPS KwaZulu-Natali

SHEILA MHLONGO

UKhomishana Kazwelonke weSouth African Police Service (SAPS), uGeneral Fannie Masemola, uhlangane nabaphathi bamaphoyisa esifundazweni saKwaZulu-Natal ngeSonto ntambama lomhlaka 29 Mashi 2026. UGeneral Masemola uqale wahlangana noNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Thami Ntuli, lapho emethulele ngokusemthethweni uLieutenant General Nhlanhla Mkhwanazi njengokhomishana wesifundazwe saKwaZulu-Natal iminyaka emihlanu ezayo.

Ngesikhathi somhlangano nabaphathi beSAPS KwaZulu-Natal, uKhomishana Kazwelonke uthe siphelile isikhathi sokuqagela. “Ngilapha ukuzomemezela ngokusemthethweni ukuthi nginike uLieutenant General Mkhwanazi eminye iminyaka emihlanu ukuze aqhubeke nokuhola umsebenzi wamaphoyisa kulesi sifundazwe. Ngibheke ngabomvu ukuqhubeka nokusebenzisana kahle enikukhombisile kule minyaka emihlanu edlule. Kumele nimsekele uLieutenant General Mkhwanazi, futhi ukumeseka kusho ukulandela imiyalelo nokwenza umsebenzi wenu ngendlela efanele,” kusho uGeneral Masemola.

Uphinde watshela amaSekela Kakhomishana Besifundazwe kanye noKhomishana Bezifunda ukuthi babandakanye umphakathi ezinhlelweni zabo. “Ningaphathi umphakathi sengathi awukho. Bafakeni ezinhlelweni zenu, nibanike indima yabo ukuze nabo bazibone benesibopho ekulweni nobugebengu ezindaweni zabo. Umphakathi kumele uwazi umsebenzi wenu, kungaba ngabaphuli bomthetho noma izakhamuzi ezithobela umthetho. Manje njengoba ukuqagela sekuphelile, kufanele sigxile kuphela ekwehliseni ubugebengu nasekuqinisekiseni ukuphepha kwemiphakathi yethu,” kwengeza uGeneral Masemola.

Ngesikhathi emukela ukuqokwa kwakhe kabusha, uLieutenant General Mkhwanazi uthe: “Ngiyabonga Khomishana Kazwelonke ngokungithemba. Bekungesona isinqumo esilula kimi ngoba ngangivumelene nomndeni wami ukuthi ngizosebenza isikhathi esisodwa kuphela. Besihlelelwe ukuya eholidini kusukela ngomhlaka-1 kuMbasa, kodwa ngesikhathi uKhomishana Kazwelonke egcizelela ukubaluleka kokusebenzela abantu baseNingizimu Afrika, ikakhulukazi izakhamuzi zaseKwaZulu-Natal, ngiphinde ngacabanga futhi ngazimisela ukuqhubeka nokusebenza. Kubasebenzi engisebenza nabo, ngilindele ukubambisana okuphelele nokwesekwa. Izinhloso zisafana; ukwehlisa ubugebengu, ukuthola i-Clean Audit, nokwenza isiqiniseko sokuthi abantu esibasebenzelayo bayaneliseka ngomsebenzi wethu,” kusho uLieutenant General Mkhwanazi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *