UMasipala weTheku uqhube umkhankaso wokuqwashisa ngokukhubazeka

 SHEILA MHLONGO

UMasipala weTheku, ngokubambisana ne-Ezandawonye Economic Development Project, babambe umkhankaso wokuqwashisa ngokukhubazeka, oqale ngohambo olusuka erenki yamatekisi KwaMashu uze uyofinyelela esifundweni esigcwele esiKwaMashu Indoor Sports Centre.

Inyanga kaNovemba yaziwa njengenyanga yokukhubazeka, yingakho abantu abaphila nokukhubazeka abangaphezu kuka-200 behlangene KwaMashu Indoor Sports Centre ukuzokhumbula lolu suku. Isikhulumi esiyisimenywa uMfu Nombuso Maphalala, ubacebise ukuthi bazihloniphe futhi bahlale beseseka.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *