SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokuqhubekisela phambili uguquko lukaMasipala weTheku ekubeni idolobha elihlakaniphile, iMeya uCyril Xaba isaqhubeka nokuxhumana nezinkampani zobuchwepheshe ukuhlonza izixazululo ezingcono kakhulu ze-IT zokuthuthukisa ukulethwa kwezidingo.
Ubuholi beDolobha buthole isethulo kuHuawei, obuchaza izixazululo ezihlakaniphile zokulawulwa kwamanzi nogesi kanye nemfucuza, ukuphepha kanye nokuqapha izimoto.

