


UMasipala weTheku uyaqhubeka nokuqinisa imizamo yakhe yokwakha idolobha elibandakanya wonke umuntu, elifinyeleleka kalula futhi eligxile kubantu, uqinisekise lokhu ngesikhathi sezingxoxo zokubonisana noMkhakha Wabakhubazekile mayelana noMbiko Wonyaka Oyidraft.
Lesi sigaba sezingxoxo zokubonisana senzeke maphakathi nenyanga ka Febhuwari e-Amanzimtoti Civic Centre, njengengxenye yezingxoxo zomphakathi ezibanjelwe kuzo zonke izindawo zedolobha mayelana noMbiko Wonyaka Oyidraft ka-2024/25. Lokhu kugcizelela ukuzibophezela kukaMasipala ekuhlinzekeni ngezinsiza eziphendula ngempumelelo izidingo zabantu abaphila nokukhubazeka.
Ngesikhathi sezingxoxo, izethameli zithole umbiko ngempumelelo yomkhakha ngonyaka odlule futhi bachaza nezindawo okudingeka kuthuthukiswe kuzo. Izinkinga eziphakanyisiwe zifaka ukufinyeleleka kwengqalasizinda, amathuba emisebenzi kubantu abakhubazekile, kanye nesidingo semishini yokuxhumana ethuthukisiwe.
UMasipala uqinisekisile ukuthi sekuqalwe ukuhlolwa kwezakhiwo kuwo wonke amagatsha awo ukuze kuhlolwe futhi kuthuthukiswe ukufinyeleleka, kuqinisekiswe ukuthi izakhamuzi zithola izinsiza ngenhlonipho nangokukhululeka.
Ekhuluma egameni likaSomlomo waseThekwini, uKhansela Thamsanqa Mthethwa ugcizelele indima yoMbiko Wonyaka ekukhuthazeni ukubekwa icala, ukubonakala okusobala kanye nokuthuthukiswa kokuhlinzekwa kwezinsiza. Ugcizelele ukubaluleka kokubandakanya umkhakha wabakhubazekile.
Uthe: “Abantu abakhubazekile badlala indima ebalulekile njengabahlali balo Masipala. Imibono yabo iqinisekisa ukuthi izidingo zabo ziyabhekwa ekuhleleni, ekwabiweni kwezimali nasekuhlinzekweni kwezinsiza, okuthinta ngqo izinga lempilo, ukubamba iqhaza kwezomnotho kanye nokubandakanywa emphakathini.”
UKhansela Mthethwa unxuse abantu abakhubazekile ukuthi badalule isimo sabo lapho befaka izicelo zemisebenzi noma zezinsiza ukuze bahlinzekwe ngosizo nemishini efanele.
Abebekhona bancome imizamo kaMasipala yokubandakanya abantu abakhubazekile ezinhlelweni nasezinqumweni, kodwa bagcizelela isidingo sokusheshisa ukufinyeleleka okuphelele kuzo zonke izinsiza nengqalasizinda.
UNobhala we-eThekwini Disability Forum, uSiyabonga Sosibo, uthe: “Siyajabula ngalokhu kubonisana okusivumela ukuba sibe nezwi. Siyabona ukuthuthuka ezindaweni ezibhekelela izidingo zethu, kodwa kusekuningi okumele kwenziwe ukuqinisekisa ukumelwa okuphelele kuzo zonke izinhlelo zikaMasipala.”
Ugcizelele ukuthi abantu abakhubazekile bayakwazi futhi bayizakhamuzi ezilinganayo, abanelungelo lokubamba iqhaza ezinqumweni ezithinta impilo yabo kanye nezinhlelo zokuthuthukiswa koMasipala.
UMbiko Wonyaka uchaza ukusebenza koMasipala futhi uqondisa izinhlelo zesikhathi esizayo zokuthuthukisa ukusebenza kahle nokuhlinzekwa kwezinsiza ngendlela esebenzayo.
Ngale nqubo, uMasipala uzothuthukisa izinhlelo eziphendula izidingo zomphakathi, ukhuthaze ukubumbana komphakathi futhi uqhubekisele phambili ukukhula komnotho.
Izingxoxo zomphakathi ziyaqhubeka, futhi umphakathi unethuba kuze kube umhla zi-6 kuNdasa 2026 lokuletha imibono neziphakamiso. Izakhamuzi ziyakhuthazwa ukuba zibambe iqhaza ukuze zakhe ikusasa ledolobha futhi zithuthukise ukuhlinzekwa kwezinsiza kubo bonke.

