SHEILA MHLONGO
UMasipala weTheku wethule ngokusemthethweni uhlelo lwezokuthutha emigwaqeni yeDolobha. Ngesinyathelo esiqavile sokuguqula ulwazi lwabagibeli, uMasipala weTheku wethule ngokusemthethweni isikhungo sawo sokwazisa ngezokuthutha zomphakathi.
Lesi sikhungo singaphakathi kwe-City’s Traffic Management Centre e-Durban Central Business District
sakhelwe ukuhlinzeka abagibeli ngolwazi oluthembekile nolufinyeleleka kalula mayelana nohlelo lwezokuthutha zomphakathi lwaseThekwini. Isikhungo sizohlinzeka ngemininingwane ngamabhasi ezithuthi zomphakathi eDolobha, izehlakalo ezithinta ukuhamba emigwaqeni yeDolobha futhi siphendule imibuzo mayelana nohlelo lokukhokha olungenamali lweDolobha iMUVO, ngokusebenzisa imigudu yokuxhumana esebenziseka kalula okuhlanganisa nenombolo yamahhala kanye nedeski losizo le-imeyili yezokuthutha zomphakathi.
Lolu hlelo lwakhelwe ekusebenzisaneni kuyo yonke i-ecosystem yezokuthutha yeDolobha, lapho amaphoyisa kaMasipala ehlinzeka ngemininingwane yezigameko, abashayeli bacobelelana ngolwazi, kanye ne-Traffic Management Centre ehlinzeka ngokuqapha ngesikhathi sangempela.· Toll Free Number: 087 121 9446, Email Address: Info@godurban.co.za
For more information visit www.godurban.co.za.

