SHEILA MHLONGO
Kuqhume imikikizo ku-Wadi 94 ngesikhathi uMeya waseTheku, uKhansela Cyril Xaba,uvule ngokusemthethweni isakhiwo esisha esiyingxenye yaKwaMakhutha Community Residential Unit, ese ningizimu yedolobha.
Lephrojekthi, eqale ngo Novemba-2022, yaphela ngoJuni kulonyaka, ibize uR34 Million. Kuhlomule imindeni engu-48. Ehalalisela umphakathi waKwaMakhutha, uMeya Xaba uthe lezi zindlu azizobeka nje uphahla phezu kwamakhanda abantu kodwa zizobuyisa nesithunzi kubanikazi bazo, okuyinto uhulumeni wentando yeningi ayelokhu eyiphokophelele kusukela ngo-1994.
UMasipala unezinhlelo zokwandisa isibalo sezindlu ngo-96 kule phrojekthi.

