IMeya kaMasipala weTheku uKhansela Cyril Xaba ukwamukele ukwethulwa kokwakhiwa kwezindlu ezibizwa nge-Beachwood Coastal Estate ngo-R3.5 billion. Echaza le ntuthuko njengengqophamlando kanye nephrojekthi ethuthukisa ukugqama kweDurban North, uXaba uthe iyakuqinisekisa ukuthi iDolobha livulekele amabhizinisi futhi lizoqhubeka nokuba yisizinda sokwakha.
I-Beachwood Coastal Estate iyingxenye yezinhlelo zethu zokuthuthukisa u-R217 billion ezisetshenziswa kuMasipala weTheku esikhathini esiyiminyaka emihlanu.
Imali ekhokhwa manje ngale ntuthuko kuMasipala weTheku ingu-R3.6 million ngonyaka. Uma isiqediwe, amanani azonyuka afinyelele cishe ezigidini eziyi-R100 ngonyaka. Ngesikhathi sokwakha, le ntuthuko izoveza imisebenzi yetoho engu-1 500 kanye nezi-2 500 ngokugcwele uma sekuqediwe.

