KUMENYWA ABASIKI BENGQEPHU ABASAFUFUSA UKUTHI BANGENELE UMNCINTISWANO WE- DURBAN FASHION FAIR- 2026

Uhlelo oluvelele lweDolobha leTheku lokuthuthukisa imboni yezemfashini seluphinde lwavula amathuba okufuna ithalente elithembisayo elizobamba iqhaza ohlelweni lokufundisa nobuholi lwe-Durban Fashion Fair (DFF).

Abasiki bengqephu  abasafufusa bayamenywa ukuthi bafake izicelo zokungena eqenjini lika-2026 lohlelo lwe-DFF ngaphambi kosuku lokuvala, olungu-6 Mashi 2026 ngo-15h00.

Lolu hlelo lusekela abasiki bengqephu abasafufusa ngokubahlomisa ngamakhono ahlelekile, ukufundiswa nokuqondiswa, kanye nokubanika amathuba okungena emakethe ngezinkundla ezifana ne-DFF Emporium, izimakethe zesikhashana (pop-up markets) nemibukiso yemfashini.

Ababambiqhaza bazothola ulwazi lobuchwepheshe, amathuluzi ebhizinisi kanye namathuba okuxhumana, okubasiza baxhumane nabathengi bakuleli nabamazwe ngamazwe ukuze bakhe imikhiqizo eqhubekayo futhi badale amathuba emisebenzi.

Abafake izicelo kumele bahambise lokhu okulandelayo:

  • Umlando omfishane wabo noma webhizinisi labo lemfashini
  • Incwadi echaza isizathu sokufaka isicelo
  • Ibhodi lezithombe (storyboard) noma izithombe zeqoqo labo lakamuva lezimpahla
  • Incwadi eqinisekisa indawo yokuhlala evela kuKhansela wewadi
  • Ubufakazi bezemfundo noma iziqu.

Izicelo kumele zilethwe mathupha eMnyangweni wezokuThuthukiswa Kwamabhizinisi Amancane, Aphakathi Naphakathi Naphakathi (SMME Development Division) ngaphansi koMnyango Wezokuthuthukiswa Komnotho, e-7th Floor, Embassy Building, 199 Anton Lembede Street.

Usihlalo weKomidi lezokuThuthukiswa koMnotho Nokuhlela, uKhansela Thembo Ntuli, ukhuthaze abasiki bengqephu abasafufusa ukuthi babambe leli thuba.

Ubalule ukuthi lolu hlelo lugubha iminyaka engu-15 lokuqinisa imboni yemfashini kulo nyaka.

“Eminyakeni emihlanu edlule, cishe abasiki bengqephu abasafufusa abangu-120 babambe iqhaza kulolu hlelo lokuqinisa amakhono, kanti abangaphezu kuka-45 bathole uxhaso olungaphezu kuka-R1.25 million. Uxhaso oluvela kuMasipala wase-eThekwini kanye neHollywood Foundation lunikeze imishini, lwaqinisa amabhizinisi futhi lwasiza ekwandiseni ukusebenza ukuze kube nokukhula okuqhubekayo nomthelela embonini,” kusho uKhansela Ntuli.

Ababeyingxenye yohlelo ngaphambilini bakufakazile ukubaluleka kwalo.

USduduzo Nkwanyana, obe ngumfundi we-DFF ngo-2023, uthe uhlelo lwamvulela amathuba futhi lwaphakamisa igama lakhe.

“Manje senginestudiyo nefektri yami. Ngisebenza nemikhiqizo yezingubo esunguliwe futhi ngikhiqiza izingubo zesikole. Lokhu kukhula kunginike ithuba lokudala amathuba emisebenzi kwabanye.”

UNoxolo Ngcobo, naye obe ngumfundi ngo-2023, manje usenestudiyo sakhe eSpringfield kanye nesitolo esiku-inthanethi.

“Ngifunde okuningi ngokwakhiwa kwezingubo nokwakha ibhizinisi eliqhubekayo. Zonke izimpumelelo zami zingumphumela wohlelo lokufundiswa lwezinyanga eziyi-10. Ngiyohlale ngibonga ngokukhethwa kwami.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *