Kufakwe ama-camera e-CCTV emabhasini  (People Mover) ukuze kuthuthukiswe ukuphepha kwabagibeli

Isithombe se-CCTV Camera ngaphakathi ebhasini


SHEILA MHLONGO

Njengengxenye yemizamo eqhubekayo yokuqinisa ukuphepha kwabagibeli, ukuthuthukisa ukuqapha kwezokuphepha kanye nokweseka ukusebenza kahle kwezokuthutha zomphakathi, uMasipala waseThekwini ufake amakhamera e-CCTV (Closed-Circuit Television) emabhasini abantu (People Mover).

Lawa makhamera afakwe ngaphakathi emabhasinii ukuze aqaphe izindawo abagibeli abahleli kuzo kanye nezindawo zangaphandle ezizungezile.

Awekho  amakhamera afakiweezitobhini zamabhasi noma kwezinye izindawo zokuthutha ngaphansi kwale-project.

Ukubonakala kwamakhamera e-CCTV kusiza futhi njengendlela yokuvimbela ubugebengu noma ukuziphatha okungaphephile, ngaleyo ndlela kudaleke uhambo oluphephile noluthembekile.

Ngokuhambisana noMthetho Wokuvikelwa Kolwazi Lomuntu (POPIA), uMasipala wazisa bonke abagibeli ukuthi ukuqoshwa kwevidiyo kuyasebenza uma bengena ezinqoleni zePeople Mover.

Izimpawu ezicacile zifakwe ngaphakathi ezinqoleni ukwazisa abagibeli ukuthi bangase baqoshwe ngesikhathi besebenzisa le nkonzo.

Yonke imifanekiso eqoshiwe iphethwe ngokomthetho, ngokuvikeleka nangokucophelela, futhi isetshenziswa kuphela ngezinhloso zokuphepha, ezokuphepha kanye nokuphathwa kokusebenza.

Ukufinyelela kule mifanekiso kugcinelwe abasebenzi abagunyaziwe kuphela, kanti ukuqoshwa kugcinwa isikhathi esivunyelwe uMthetho wePOPIA kanye nezinqubomgomo zoMasipala.

UMasipala uyaqhubeka nokuzibophezela ekuvikeleni ubumfihlo nolwazi lomuntu lwabasebenzisi bezokuthutha zomphakathi, ngenkathi eqhubeka nokusebenzisa izinyathelo ezithuthukisa ukuphepha, ukuziphendulela nokuthembeka kwezinsiza.

Abagibeli bayakhuthazwa ukuthi baqhubeke nokusebenzisa inkonzo yePeople Mover ngokuzethemba, bazi ukuthi ukuphepha nokuvikelwa kobumfihlo kuyagcinwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *