I-BMA  yethule uhlelo lokusebenza ngesikhathi samaholidi ePhasika

SHEILA MHLONGO

I-Border Management Authority (BMA) isilungele ukuqinisekisa ukuhamba kwabantu nezimpahla ngendlela esheshayo, ephephile futhi engenazihibe ezikhumulweni zokungena ezingu-71 kulo lonke elaseNingizimu Afrika ngesikhathi samaholide ePhasika.

“Lolu hlelo lukhombisa ukuzibophezela kwe- Boarder Management Authority ekuqiniseni ukusebenza kwemithetho yokulawula imingcele, ngesikhathi esifanayo luvumela ukuhamba okusemthethweni, ezokuvakasha kanye nohwebo ngesikhathi esibhizi kakhulu ekhalendeni likazwelonke,” kusho uKhomishana waleli weMBA, uDkt Michael Masiapato.

Uhlelo lokusebenza lwePhasika lusekelwa izinhlaka ezahlukene ngaphansi komkhakha wezokuphepha kuzwelonke, okuhlanganisa iKomidi loNgqongqoshe elibhekele ukulawulwa kwemingcele, iKomidi Lobuchwepheshe Labaqondisi-Jikelele nezinhloko zezinhlaka, i-National Joint Operational and Intelligence Structure (NATJOINTS), i-Provincial Joint Operations (Provjoints) kanye nezinye izinhlaka.

Ekhuluma nabezindaba ePitoli, uMasiapato uthe izigaba ezine eziseqhulwini lohlelo lwePhasika zihlanganisa ukuHlela, ukuSebenza, ukuHoxisa kanye nokuQhubekisela phambili. Isigaba sokuhlela siqale ekupheleni kwesikhathi samaholide kaKhisimusi futhi siphele ngoMsombuluko, mhla zingu-30 kuMashi.

Njengengxenye yokuhlela, i-BMA ibambe izingxoxo ezibanzi kanye namazwe angomakhelwane ayisithupha—iLesotho, iMozambique, iZimbabwe, iNamibia, iSwatini kanye neBotswana—ukuthuthukisa ukusebenzisana nokwenza lula izinqubo zemingcele. Lokhu kuholele ekutheni kuvunyelwane ngokwelulwa kwamahora okusebenza kwezinye izindawo zokungena ezingasebenzi amahora angu-24.

Izikhumulo zokungena kanye nokubambisana

Isikhumulo saseGroblersbridge eBotswana sizosebenza amahora angu-24 ngoLwesine, mhla zi-02 kuEphreli. NgoLwesihlanu Olungcwele (03 ku-Ephreli) nangoMgqibelo (04 ku-Ephreli), sizovulwa kusukela ngo-6 ekuseni kuze kube phakathi kwamabili. Kusukela mhla zi-05 kuya ku-06 ku-Ephreli, sizosebenza amahora angu-24.

Isikhumulo saseKopfontein sizovulwa amahora angu-24 mhla zi-02 no-05 kuEphreli.

Isikhumulo saseKosibay eMozambique sizonweba amahora aso kusukela ku-8 ekuseni kuya ku-5 ntambama, sibe ngu-6 ekuseni kuya ku-6 ntambama mhla zingama-27 kuMashi, kanye no-10 kuEphreli.

EsiSwatini, iJeppes Reef izokwelula isikhathi sayo ize ifike ngo-10 ebusuku mhla zi-02 no-03 kuEphreli, kanye no-05 kuya ku-06 kuEphreli. IMananga nayo izovulwa kuze kube ngo-10 ebusuku kulezi zinsuku.

ELesotho, iSanipass izovulwa kuze kube ngu-7 ntambama mhla zi-01 kuya ku-02 kuEphreli. ICaledonspoort kanye neVan Rooyensgate zizosebenza amahora angu-24 mhla zi-02 kuEphreli, bese zivalwa phakathi kwamabili mhla zi-05 no-06 kuEphreli. IMonontsa Pass izovala ngo-6 ntambama mhla zi-02, 03, 05 no-06 kuEphreli, kanti iQasha’s Nek izovala ngo-10 ebusuku mhla zingama-30-31 kuEphreli kanye no-02 kuEphreli.

Ngaphandle kokushoda kwezinsiza, i-BMA igxile ekubambisaneni nabanye ukuze kuqiniswe amandla ayo. Uhulumeni waseNtshonalanga Kapa uthumele abasebenzi abangu-50 ukusiza eCape Town International Airport, kanti uhulumeni waseGauteng uthumele abangu-80 e-OR Tambo International Airport.

I-BMA iphinde yabambisana noMnyango Wezokuthuthukiswa Komphakathi ukuthumela abasebenzi bezokuxhasa umphakathi ezikhumulweni zokungena ukuvikela izingane nabahambi abasengozini, okubandakanya nalabo abangenawo amadokhumenti asemthethweni kanye nezisulu zokushushumbiswa kwabantu.

UMnyango Wezokuvakasha uthumele izikhulu ezingaphezu kuka-160 zokuphepha kwezokuvakasha ukuqinisekisa ukuhamba kahle kwabantu.

UMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi nengqalasizinda uzohlinzeka ngezibani zesikhashana, izindlu zangasese, izinqamuleli kanye namathangi amanzi ukuthuthukisa izimo ezikhumulweni.

Izikhungo zikazwelonke nezasezifundazweni zokulawula umgwaqo zizokwandisa ukusebenza ukuze kuqinisekiswe ukuthobela imithetho yomgwaqo.

I-BMA iphinde yabambisana nezinkampani ezifana neDCD Protected Mobility kanye neParamount Group ukuze kuthuthukiswe ubuchwepheshe bokulawula imingcele.

UKUSEBENZA KOHLALO

Isigaba sokusebenza siqala mhla zingama-31 kuMashi siphele mhla zi-09 kuEphreli.

Lesi sigaba sihlukaniswe kabili: isigaba sokuhamba (31 kuMashi kuya ku-04 kuEphreli) kanye nesigaba sokubuya (05 kuya ku-09 kuEphreli).

Kulindeleke ukuthi abantu abaningi bahambe mhla zi-02 kuEphreli, kanti ukubuyela kulindeleke kube phezulu ngoMsombuluko wePhasika, mhla zi-06 kuEphreli.

“Ngalezi zinsuku kulindeleke izibalo zabahambi zikhuphuke kakhulu, zifinyelele ngaphezu kuka-25,000 ngosuku ezikhumulweni ezibhizi kakhulu,” kusho uMasiapato.

Uma kuqhathaniswa noKhisimusi noJanuwari, ukuhamba ngePhasika kunzima ukuphatha ngenxa yokuba kufushane futhi kugxile esikhathini esisodwa.

Noma kunjalo, i-BMA izoqhubeka nokuqinisa ukusebenza nokuthumela izisebenzi eziningi ezikhumulweni zokungena ezingu-71 kanye nasezindaweni ezisengozini emingceleni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *