UMnyango wezeMfundo eyisiSekelo ukhumbuza abafundi baka –matric ukuthi uhlelo lwethuba lesibili  lumahhala

SHEILA MHLONGO

UMnyango Wezemfundo Eyisisekelo (DBE) ukhuthaze abafundi beSertifiketi Sikazwelonke Sokuphothula (NSC) abangaphumelelanga ngesikhathi sokuqala sokubhala izivivinyo ukuthi basebenzise uhlelo olusemthethweni lweSecond Chance Programme. Lolu hlelo lweSecond Chance Programme lunikezwa mahhala kubafundi.

Abafanele bangabhalisela ukubhala kabusha noma ukwengeza izifundo ngaphandle kokukhokha, ngokuhambisana nemigomo yomnyango yohlelo lwezivivinyo zangoMeyi/Juni.

UMnyango ugcizelele ukuthi awusekeli noma yiziphi izinsiza ezizimele ezidinga ukukhokhelwa ukuze kubambe iqhaza kuSecond Chance Programme.

“Ukuze uthole ulwazi oluqondile nolusemthethweni, sicela uxhumane ngqo noMnyango wezeMfundo eyisiSekelo noma uvakashele iwebhusayithi esemthethweni,” kusho i-DBE.

Inhloso yeSecond Chance Matric Programme wukuhlinzeka ngosizo kubafundi abangakwazanga ukuhlangabezana nezimfuneko zeNSC noma zeSenior Certificate enwetshiwe.
Lolu hlelo luyingxenye yokufeza izinhloso zoHlelo Lokuthuthukiswa Kwezwe (National Development Plan) nomkhakha wemfundo eyisisekelo, okuholela ekwandeni kokuhlala kwabafundi ezikoleni. Abafundi baphinde bathole ulwazi ngamathuba emifundaze yezifundo eziqhubekayo.

Abafundi abazothola ukwesekwa
Abafundi beSenior Certificate Examination: Abafundi ababhalisele ukubhala izivivinyo zeSenior Certificate ngoJuni.
Abafundi beNSC ababhala isikhathi esingaphelele (Part-time): Abafundi abazame izivivinyo zeNSC ngemuva kuka-2008, abazobhala izivivinyo ngoMeyi/Juni nangoNovemba.

Izifundo eziqondiswe kakhulu zihlanganisa: i-Accounting, i-Agricultural Science, i-Business Studies, i-Economics, isiNgisi (First Additional Language), i-Geography, i-History, i-Mathematics, i-Mathematical Literacy, i-Physical Sciences kanye ne-Life Sciences.

I-DBE ikhiphe imiphumela yeMatric ka-2025 mhla ziyi-12 Januwari 2026. Kulo nyaka, abafundi abangaphezu kuka-900 000 babhale izivivinyo zango-2025 ezikhungweni ezingu-7 000, besekelwa izinkulungwane zabaqaphi bezivivinyo kanye nabahloli nabalungisi abangaphezu kuka-51 000. – SAnews.gov.za

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *