UMasipala weTheku uthi usesilungiselele ngokugcwele isikhathi samaholidi kaKhisimusi, njengoba kuzothuthukiswa ukuphepha kwamabhishi, ingqalasizinda eqinisiwe kanye nezikhundla ezisanda kuqinisekiswa.
Ethula inkulumo kwabezindaba eNkosi Albert Luthuli Durban International Convention Centre namuhla, ngoLwesine, 4 December 2025 nguMhlonishwa iMeya uCyril Xaba, uMqondisi Omkhulu uSipho Cele, iNhloko yezoMthetho uMalusi Mhlongo. IMeya uXaba ithe wonke amabhishi aseThekwini aphephile ukuthi angabhukuda ngemuva kokugadwa kabanzi kulandela izikhukhula zango-2022. Ekhuluma ngokugcinwa kwesimo esikhona, uXaba uthe ukuze kuncishiswe ukungcoliswa kwamabhishi uma kunemifudlana ehlanzekile enemvula ngokusebenzisa uHlanzimvelo okuhlanganisa nemizamo yokuphishekela ‘ifulegi eliluhlaza’. Ukuqokwa kwabaqondisi abasha abathathu okunguMnuz Ednick Msweli oyiNhloko yoPhiko lwaManzi, uNksz Lindokuhle Mkhize noMnuz Bheki Mkhize ozoqala umsebenzi wakhe ngoJanuwari. Kuphawulwe ukuthi nakuba iDemocratic Alliance iwufake enkantolo umasipala mayelana nokuqashwa kwabaqondisi abakhulu, lezi zikhundla zigunyazwe ngendlela yiMenenja kaMasipala.
Mayelana nengqalasizinda, idolobha likuqinisekisile ukuthi ukulungiswa kweSiteshi Sephampu saseNtuzuma, esacekelwa umlilo ngo-Ephreli 2023, sekuphothuliwe ukulungiswa, kanti imali engaphezu kuka-R20 million yabelwe ukubuyisela amanzi. Lesi siteshi sePump sihlinzeka ngamalokishi afana nalawa; KwaMashu, Inhlongwana, Nanda, Ezimangweni, Bester. Umasipala uthi ulindele izivakashi ezibalelwa ku-1.3 million eThekwini kulesi sikhathi samaholide futhi usuqinise izindlela zokuphepha kuwo wonke amabhishi angamashumi amabili nantathu, imigwaqo kanye nezindawo zokuzijabulisa.

