Akulahlwa mbeleko ngokufelwa

Sizwe sakithi, njengoba sekugoqwa unyaka,  ngiyazi akusithi sonke obusivumile unyaka, kukhona abazama ngakho konke okusemandleni abo kusukela ekuqaleni kuze kufike mañje kodwa ababuyelwanga wutho,  akuhlangananga lutho. Ngicela ukubakhuthaza ukuthi mabangapheli amandla nakulonyaka ozayo uma nje impilo isekhona kusho ukuthi amathuba asekhona.

Iyodwa nje into edingekayo, ukubukisisa indlela obuwenza ngayo kulonyaka bese uzama enye kulonyaka ozayo. Olwenhlanhla alwaziwa qhubeka ulwe uyophumelela nawe ngomunye unyaka . Kungenzeka ukhalile kulonyaka belungekho usuku lwamahala zingehli izinyembezi noma ulele ebusuku bungehli ubuthongo ngemicabango nobuhlungu. Ngithi kuwe uma nje impilo isekhona qhubeka uzame nakulonyaka ozayo. Akulahlwa mbeleko ngokufelwa.

Obhalayo uKatlego Nare

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *