NOMTHANDAZO MAGOSO
UMculi woKholo u-Ayanda Ntanzi udele konke obengakwenza wazoba yingxenye yombhikisho mhla zingu-27 Okthoba 2025, obulwela ubulungiswa bamawele kaMnu. Dlamini u-Aphile no-Aphelele abalimale ebhilidini eliseThekwini elibizwa ngokuthi i-Homi, lokhu kuthinte abantu abaningi nabasemikhakheni eminingi ehlukene bangakwazi ukubekezela nokuthula ngalesisimo esehlele umndeni wakwaDlamini.
Abaningi eSouth Africa bayamazi uMnu Ayanda Ntanzi odume kakhulu ngokusinika umculo wokholo odumisa uNkulunkulu, ukuvezile ukuthi naye njengomhlali waseNingizimu, njengobaba wabantwana, kusasa kuyokwehlela omunye wethu. Asikwazike ukuthula uma kuzoba nokungabikhona kobulungiswa kubahlali baseNingizimu, umthetho awudlale indima yawo.
Siyabonga kakhulu mfoka Ntanzi ukukhombisa ukuthi uyilunga ngokuphelele lomphakathi futhi uyazwelana nomphakathi.

