
SHEILA MHLONGO
IMeya yeTheku ukhansela Cyril Xaba isimemezele ukuthi idolobha selikulungele ngokuphelele ukwamukela izivakashi ezizogcwala ogwini lwaseDurban ngesikhathi samaholidi ePhasika, kugcizelelwa ukuphepha, amathuba omnotho kanye nokuhlinzekwa kwezinsiza ezisemqoka kubahlali nezivakashi.
IMeya ikhulume nabezindaba ngeSonto, 29 Mashi 2026, ichaza uhlelo oluphelele lwePhasika, yathi idolobha lizokwakhela phezu kwempumelelo etholwe ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi ka-2025 ukuze kuqinisekiswe ukuthi izivakashi zithola isipiliyoni esiphephile nesingelibaleke.
Uthe idolobha lilindele ukuhanjelwa ngabantu abangaphezu kwezigidi eziyi-1.2 ngesikhathi sePhasika, okuzofaka imali elinganiselwa ku-R2.6 billion emnothweni wendawo. Izindawo zokulala kulindeleke ukuthi zigcwale cishe ngo-62%, kanti amathuba emisebenzi angafinyelela ku-16 000.
IMeya iphinde yagqamisa ukuthi iDurban isanda kubekwa endaweni yesi-14 emhlabeni ohlwini lwezindawo ezihamba phambili zokuvakasha ngo-2026, okuyimpumelelo ekhombisa ukusebenza ngokubambisana phakathi kukahulumeni nomkhakha ozimele ekuthuthukiseni ezokuvakasha.
Imicimbi emqoka nemihlangano
Izivakashi zizothokoziswa imicimbi eminingi ehlanganisa ezomculo nezokuzijabulisa, okubalwa i-One Man Concert, Doek On Fleek, uhambo lukaSjava lokugubha iminyaka eyi-10, uBryan Adams kanye neminye imicimbi emikhulu.
Imindeni nayo izothola izinhlelo zabantwana ezizobanjelwa ezindaweni ezifana noShaka Marine Theme Park, Mitchell Park Zoo kanye neDurban Botanic Gardens, okuhloswe ngazo ukuheha izingane ngesikhathi samaholidi.
Ngaphezu kwePhasika, idolobha lihlele imicimbi emikhulu yonyaka efana neMetro FM Music Awards, Africa’s Travel Indaba, Comrades Marathon, Durban July nezinye, okuqhubeka nokwenza iDurban ibe indawo ehamba phambili emicimbini.
Ukuphepha kuqinisiwe
IMeya iqinisekise ukuthi kunohlelo olubanzi lokuphepha oluhlanganisa iMetro Police, SAPS, RTI, abezokuphepha abazimele kanye neminye iminyango kahulumeni.
Angaphezu kuka-1 000 amaphoyisa azosebenza ubusuku nemini ezitaladini, ogwini nasezindaweni zokuzijabulisa. Kuzophinde kuqiniswe imikhankaso yokulwa nokushayela uphuzile, izimoto ezingalungile kanye nokuhamba kwabantu ezindaweni ezingafanele.
Kuzobanjwa ama-roadblock angaphezu kuka-20, kanti kuzosetshenziswana nabashayeli bamatekisi ukukhuthaza ukuphepha kubahambi.
Ngokwemihlangano yamasonto, amaphoyisa azobe eqaphe izinkonzo ezifana neGood Friday Service ukuze kuqinisekiswe ukuphepha nokuhleleka.
Amabhishi avuliwe kanye nokuphepha kwamanzi
IMeya ithe wonke amabhishi angu-23 avuliwe futhi aphephile ukugeza. Lokhu kuza ngenxa yokutshalwa kwezimali okukhulu ezinhlelweni zokuhlanza amanzi nokulungisa izinhlelo zokuthuthwa kwendle.
Abahloli bamanzi bazohlola izinga lamanzi njalo ngesonto ngesikhathi samaholidi, kanti abaqaphi bolwandle abangu-200 bazobe besebenza kusukela ngo-06h00 kuya ku-18h00 nsuku zonke.
Ukuphakelwa kwamanzi okuzinzile
IMeya iqinisekise ukuthi akukho ukuphazamiseka kokuhlinzekwa kwamanzi, nakuba kukhona umsebenzi wokulungisa amapayipi. Amanzi angena ezikhungweni zokuhlanza asezingeni elizinzile, okusho ukuthi izindawo eziningi sezibuyile esimeni esijwayelekile.
Idolobha lisebenzisana ne-Umgeni-uThukela Water ekwakheni amaphrojekthi amakhulu afana neLower noUpper uMkhomazi, azothuthukisa kakhulu ukuhlinzekwa kwamanzi esikhathini esizayo.
Izindlu zalabo abakhahlanyezwa izikhukhula
IMeya iphinde yamemezela ukuthi imindeni ethintekile ezikhukhuleni izoqala ukuthuthelwa ezindlini ezintsha eCornubia ekupheleni kuka-Ephreli, njengoba sekuqediwe izindlu eziyi-113.
Kuhlelwe ukwakhiwa kwezindlu eziyi-1 200 kulesi sigaba sokuqala, kanti kukhona nezindawo ezingu-500 ezilungiswayo eMontclair Lodge.
Isabelo-Mali esisha sika-2026/27
IMeya iveze ukuthi idolobha lihlele isabelomali esingu-R74.6 billion, esizogxila ekuthuthukiseni ugesi, amanzi kanye nezinhlelo zokuhlanza indle ukuze kuthuthukiswe umnotho nokulethwa kwezinsiza.
IMeya iphethe ngokuthi iTheku liyaqhubeka nokusebenza kanzima ukwakha idolobha eliphephile, elikhangayo kwezokuvakasha kanye nelikhulayo emnothweni, yathi izivakashi ziyamenywa ukuthi zize zizobona ukuthi “iDurban inakho konke.”

