Bantu bakithi sesifike kulesosikhathi sokuphela sokuphela konyaka, qaphalani amaqola wabefundisi . Kunalomkhuba wobuqola wabefundisi njalo makuphela unyaka benze izinkonzo bathi kubongwa unyaka kaNkulunkulu kodwa bathi babongeni nabo bebenishumayeza unyaka wonke bafunde iyndodla zezimali abazoya ngazo kumaholidi kakhisimuzi, qaphelani lobo bugebengu. Akukho nyaka okumele uwubonge kumuntu, umuntu nomuntu makayohlangana nomndeni wakhe enzele abazali nezihlobo zakhe lowomusa hayi umfundisi othi usebenzela uNkulunkulu. Oqashwe nguNkulunkulu makakhokhelwe nguNkulunkulu, osebenzela UNkulunkulu makabongwe nguNkulunkulu hayi ngabantu.
Sikhuluma nje abanye sebegixabezwe ngezimvilophi emasontweni zezindodla zemali uyonikeza umfundisi imali ayodla nomndeni wakhe ngamaholidi bese ufika kubazali bakho abakuzele ungasenalutho ukholwe ukuthi uyothola isibusiso ngokunikeza umfundisi ulambise abakuzele? Vukani sizwe esimnyama akukho mfundisi okumele umbonge ngaphandle kokuthi naye zikhona izinto akwenzela zona ngemali hayi lezi ezakwamoya. Vukani boo oqashwe nguNkulunkulu makakhokhelwe nguNkulunkulu osebenzela UNkulunkulu makabongwe nguNkulunkulu
Obhalayo uKatlego Nare

