ITheku lethule isikhungo sokwazisa umphakathi ngezokuthutha

ZAMA MAJOLA

UMasipala weTheku wethule ngokusemthethweni isikhungo sawo sokwazisa umphakathi ngezokuthutha. Lesi sikhungo singaphakathi kwe-City’s Traffic Management Centre e-Durban Central Business District. Ukwethulwa kwesikhungo kuhambisane nenyanga yezokuthutha kuzwelonke.

Lokhu kwakhelwe ukunikeza abagibeli ulwazi oluthembekile nolufinyeleleka kalula mayelana nohlelo lwezokuthutha lwaseThekwini. Ikhuluma emcimbini wokwethula iMeya yeTheku, uKhansela Cyril Xaba, iveze ukubaluleka kokuthi lesi sikhungo sigxile kubantu. “Izithuthi zomphakathi azigcini nje ngamabhasi, amatekisi nezitimela, enhliziyweni yazo zithinta abantu, ukubaxhumanisa nomsebenzi, izikole, usizo lwezempilo, umndeni, nezokungcebeleka, ulwazi oluthembekile luyisidingo, kanti lesi sikhungo sizoqinisekisa ukuthi abagibeli bayaziswa, banikwe amandla futhi bayakwazi nokuhamba ngokuzethemba,” usho kanje.

I-Public Transport Information Centre izohlinzeka ngezibuyekezo zezithuthi zomphakathi okubalwa kuzo amabhasi, izehlakalo ezithinta ukuhamba emigwaqweni yeDolobha, iphendule imibuzo mayelana nohlelo lweDolobha lokukhokha, iMUVO, ngokusebenzisa imigudu yokuxhumana esebenziseka kalula, okuhlanganisa nenombolo yamahhala kanye nedeski losizo le-imeyili yezithuthi zomphakathi.

IMeya uXaba ibe isichaza ukuthi lolu hlelo luzosebenza kanjani. “Ngokuhlanganisa imininingwane evela emaPhoyisa kaMasipala, abaqhubi bamabhasi eDolobheni, kanye ne-Transport Management Centre, isikhungo sethu singakwazi ukuletha ukwaziswa okunembile ngesikhathi esifanele abagibeli abangakwethemba. Lokhu kumayelana nokusebenza kahle, ukwenza izinto obala, nesithunzi sawo wonke umuntu othembele ezokuthutha zomphakathi eThekwini.”  Lolu hlelo lwakhelwe ekusebenzisaneni, lapho amaphoyisa kaMasipala ehlinzeka ngemininingwane yezigameko, abashayeli bacobelelana ngolwazi, kanye ne-Traffic Management Centre ehlinzeka ngokuqapha ngesikhathi sangempela.

IMeya uXaba igcizelele ukuthi ukwethulwa kwalolu hlelo kukhombisa ukuzibophezela kukaMasipala weTheku ekwakheni uhlelo lwezokuthutha lwesimanje, olubandakanya wonke umuntu, nolugxile kubagibeli ethi:  “Ngenyanga yezokuthutha, sibungaza ukuqanjwa kabusha kanye nokusebenzisana okwakha ikusasa lezokuthutha eDolobheni. I-Information Centre iyisibonelo sokuthi ubuchwepheshe nokusebenzisana kungazizuzisa kanjani izakhamuzi.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *