Ingadi yomtholampilo esishintshe izimpilo zabantu iqokelwe owe-KZN Premiers Awards 

Amalunga omphakathi phambi kwengadi yomtholampilo

SHEILA MHLONGO

Ingadi yomtholampilo  Isiphingo Food for Health Clinic Garden, esungulwe ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi iziguli ezithatha imishanguzo  ziyakwazi ukuthola ukudla okunomsoco, iqokelwe imiklomelo ye-KZN Premier’s Service Excellence Awards.

Le ngadi incintisana esigabeni soHlelo Olusebenza Kakhulu Lokuphepha Kokudla Nezolimo.

Yethulwe ngonyaka odlule, le ngadi isiphenduke uhlelo oluyisibonelo olukhombisa ngokucacile ubudlelwano obuqinile phakathi kokuphepha kokudla, umsoco, imiphumela engcono yezempilo kanye nokubambisana kwemikhakha ehlukene.

Loluhlelo luqhutshwa ngaphansi  koPhiko lwezokunakekelwa Kwezempilo okuyisisekelo, Umkhakha Wokuphepha Kokudla, futhi usebenza ngokubambisana kwemikhakha eminingi.

Ekuqaleni, lolu hlelo lwalugxile  kwabesifazane ababeyiziguli zesikhungo sezempilo, abaningi babo abaphila nezifo ezingamahlalakhona. Ingadi yethulwa njengohlelo olugxile ekuthuthukiseni umsoco ngenhloso yokubhekana nenkinga yokungabi nokudla okwanele, okungesinye sezizathu ezinkulu eziphazamisa ukulandela kahle imithi nokululama.

Njengoba iphrojekthi ikhula, kwethulwa izinsuku zemakethe ngezikhathi zokuvuna.

Lezi zinsuku zivumela ababambiqhaza ukuthi bazitholele imali esetshenziselwa izimo eziphuthumayo, ukuthenga izithombo kanye nokunakekela ingadi. Le ndlela iqinisa ukusimama kwephrojekthi ngesikhathi esifanayo ikhuthaza isithunzi, ukuzimela nokuzethemba.

Isiphingo Food for Health Clinic Garden ibambe iqhaza elikhulu  oluhlanganisa izinhlelo zokuphepha kokudla nezempilo. Ngokubambisana okunamasu, ukubandakanywa komphakathi kanye nezixazululo eziguquguqukayo, iphrojekthi iqinise ukulethwa kwezinsiza zezempilo eziyisisekelo, yasiza ekulandeleni kahle imithi, yathuthukisa umsoco wemindeni futhi yabuyisela umuzwa wesithunzi kubabambiqhaza.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *