Esithombeni: UMengameli wezwe uCyril Ramaphosa ethula inkulumo yakhe yesizwe (SONA) 2026-ISITHOMBE : SANEWS
SHEILA MHLONGO
Amalungu ePhalamende amukele inkulumo yeSizwe(SONA) ka-2026 kaMengameli u-Cyril Ramaphosa, eveza ubumbano lukahulumeni ekubhekaneni nezinselelo ezinkulu ezifana nobugebengu, isifo se-foot-and-mouth (FMD), izingqinamba kwezokuthutha kanye nokushoda kwengqalasizinda yamanzi.
UMongameli ugcizelele ukukhula komnotho, ukulethwa kwezinsiza eziyisisekelo nokwandisa amandla kahulumeni njengemigomo ephambili yalo nyaka. UMnyango Wezolimo wamukele ukumemezelwa kwe-FMD njengenhlekelele kazwelonke, okuzovumela ukubambisana okungcono ezweni lonke. Lesi sifo sithinte kakhulu imboni yemfuyo yezinkomo, sabangela ukuvinjelwa kokuthunyelwa kwempahla phesheya kanye nokulahlekelwa okukhulu kubalimi.
Kuzogonywa izinkomo izinkomo ezilinganiselwa ezigidini ezingu-14, kanti kuzodingeka imijovo engaba yizigidi ezingu-28 (28 million) ezinyangeni eziyi-12 ezizayo. Uhulumeni uzokwengamela ukuthengwa kwemijovo efanele. Ukusebenzisana kuzokuqiniswa nezinhlaka ezifana ne-NATJOINTS ukuqinisa ukulawulwa kokuhanjiswa kwezilwane.
Inkulumo iphinde yagcizelela ukulwa nobugebengu nenkohlakalo, nokwandisa abasebenzi bezokuphepha. Emkhakheni wezokuthutha, kuqhakambiswe ukuthuthuka kwezitimela zabagibeli nezokuthutha impahla, kanye nokusebenza kahle kwamachweba. Uhulumeni utshala imali emigwaqweni, emabhulohweni, ezitimeleni, emachwebeni, ezibhedlela zamanzi, nasemapulazini omoya nelanga.
I-Border Management Authority yamukele ukugxila ekuvinjweni kokungena kwabantu abavela emazweni angaphandle ngokungemthetho, igcizelela ukusetshenziswa kwezobuchwepheshe obufana nama-drones ukuze kuqiniswe ukuphepha emingceleni yakuleli.
UMengameli uRamaphosa wenze izethembiso ezinqala ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesizwe (SONA) 2026
“Unyaka ka-2026 kumele ube unyaka wenguquko enkulu nebonakalayo.” Kusho uMengameli uRamaphosa ngesikhathi ethula inkulumo yakhe yesizwe (SONA) 2026 ngoLwesine ntambama lomhlaka 12 Febhuwari , eKapa phambi kwamaLunga ePhalamende, kanye nezimenyawa eziqavile ebezethamele ukuvulwa kwePhalamende.
Phakathi kwezethembiso zenkulumo kaMengameli ubale lokhu okulandelayo:
- Unyaka kak 2026, kumele kube unyaka esenza ngawo iNingizimu Afrika ibe namandla kakhulu.
- Kumele silungise ohulumeni bezindawo (omasipala).
- Kumele silwe nobugebengu nenkohlakalo, futhi sibuyisele ukwethenjwa kohlelo lwezobulungiswa.
- Kumele sakhe amathuba emisebenzi nezindlela zokuziphilisa kuwo wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
- Futhi kumele sakhe uhulumeni osebenzela abantu.
- Ngaphezu kwakho konke, kumele siqinisekise ukuthi ukukhula komnotho kuphakamisa wonke umuntu waseNingizimu Afrika.
- Njengoba umnotho ukhula, kumele ufake nalabo abebephila emaphethelweni awo iminyaka eminingi.
- Impi yethu nobugebengu kumele izwakale emalokishini nasezindaweni zokuhlala ezingekho emthethweni, kanye nasemadolobheni acebile.
- Izikole nezibhedlela zethu akumele zihlukanise abantu abafika eminyango yazo.
- Ngale ndlela, singakha umphakathi onamandla, ozinzile futhi olinganayo – umphakathi ozimela uqonde phakathi kwezizwe zomhlaba.

