
Umbukiso wezamabhizinisi i-Durban Business Fair – (DBF) uyaqhubeka nokuba nomthelela oguqula izimpilo zosomabhizinisi, njengoba ababambiqhaza (abakhangisi) bebonga leli thuba ngokwandisa amabhizinisi abo, ukufinyelela ezimakethe, kanye namathuba omhlaba.
UThando Mdladla, ongumsunguli we-Uthando Glow Beauty and Wellness, uzwakalise ukuthi lo mbukiso ube yindawo yokuguquka enkulu empilweni yakhe. : “Okuqale njengokukhombisa imikhiqizo yokunakekela isikhumba okuncane sekukhule kwaba uphawu oluphelele olunikeza ukwelashwa okusezingeni eliphezulu nemikhiqizo. Umbukiso ungiphe ukugqama, ukwethenjelwa, kanye nokufinyelela kumathuba engangingakaze ngiwacabange, okubalwa nokukhombisa imikhiqizo yami phesheya kwezilwandle.”
UMdladla useneminyaka eyisithupha elandelanayo ebamba iqhaza ku-DBF, kanti iphuzu elikhulu kube ukunqoba kwakhe kuma-Durban Business Fair Excellence Awards ngonyaka odlule esigabeni sentsha. Uthe: “Ngokwakha ubudlelwano nokuthola ukubonakala, ngithole ithuba lokukhombisa eGhana, okukhombisa ukuthi umbono ungafinyelela kude kangakanani uma unethuba elifanele. Lokhu kuhlonishwa kuholele ekutheni ibhizinisi lami liqashelwe yi-National Youth Development Agency kanye ne-Durban University of Technology Centre for Social Entrepreneurship. Umbukiso Wezamabhizinisi waseThekwini uyinkundla enamandla, futhi uma uphumelela lapho, amathuba ayalandela.”
Ngokufanayo, uCeliwe Ntuli waseZulu Brides, osebehambele lo mbukiso iminyaka eyisishiyagalombili, uthe le nkundla imsize ukukhulisa isisekelo samakhasimende kanye nokuqinisa ukusebenza kwebhizinisi. Uthe: “Ukubonakala kusixhumanise nezimakethe ezintsha, kanti izinkulumo nezifundo zisiphe amathuluzi okuqhuba ibhizinisi ngendlela ehlelekile nenesimeme.”
Ngokuqhubeka nale mpumelelo, uhlelo luka-2026 lwe-DBF luzobanjwa kusukela mhla zingama-30 kuEphreli kuya mhla zi-2 kuMeyi eDurban Exhibition Centre ngaphansi kwesiqubulo esithi; ‘Iminyaka engama-28 yokuxhumanisa ama-SMME nezimakethe namathuba’. Lolu hlelo luzofaka izinkulumo, ama-masterclass, izifundo zamakhono, amathuba okuxhumana, izinkundla zokufinyelela ezimakethe, kanye nezingxoxo ezintsha mayelana nobuchwepheshe, uxhaso, kanye namathuba okuhweba omhlaba ngaphakathi kwepavilion yamazwe ngamazwe yombukiso.
Njengoba izindawo zokubukisa sezisondela ekugcwalisweni, amabhizinisi angakabhalisi ayakhuthazwa ukuthi asheshe abhalise angalindi usuku lokuvala olungomhla ziyi-17 kuMbasa, njengoba izikhala sezincane.
Usihlalo weKomidi leDolobha Lezokuthuthukiswa Komnotho Nokuhlela, uKhansela Thembo Ntuli, uthe lo mbukiso uyaqhubeka nokuba inkundla evula amathuba okukhula, yakha amabhrendi, futhi ixhumanise amabhizinisi namathuba angokoqobo.
Amafomu okubhalisa angalandwa lapha: https://tinyurl.com/ye96s948
Noma atholakala kulezi zindawo:
- 199 Anton Lembede Street (7th Floor)
- Zonke izikhungo zamakhasimende zaseSizakala
- Ku-inthanethi ku www.durban.gov.za (Business SMME Development Durban Business Fair)
- Nge-imeyili: zamani.shezi@durban.gov.za

