Ucela usizo oshiselwe indodakazi yakhe ngeAcid

Owesifazane waseStanger endaweni yase Thembeni uthi ucela ukusizwa ngemali yezindleko zokwelapha indodakazi yakhe eshiswe umama wakwamakhelwane nge Acid. Lona wesifazane ogama lakhe uJabu Thabethe uthi indodakazi yakhe ishe kabuhlungu yaze yonakala nobuso, kanti nesibhedlela naso sehlulekile ukumsiza, njengoba ilaliswe izinsuku ezimbalwa maqede yakhishwa nomuthi wamehlo kuphela.

Continue reading

IBET Software ihalalisele abafundi bakaMatric baseVelabahleke High School

IBET Software ihalalisele abafundi abaphume phambili kumatikuletsheni NgoMgqibelo mhlaka 28 kuJaniwari 2023, ihlanganyele kanye nesikole iVelabahleke High School bebehalalisela abafundi abathole imiphumela eseqophelweni eliphezulu kuMatric. Kuphindile futhi ukuthi lesisikole sithole i-100% pass rate, bangu-396 uma sekuhlangene.abafundi abaphase ngamalengiso.

Continue reading

Bekubukwa uMaDlamini ngosuku lwezithandani

Bekubukwa uMadlamini ngosuku lwezithandani mhla ziwu-14 Febhuwari 2023 kube indumezulu intokazi yaseMpangeni ehlala eNseleni edume ngoMadlamx esizakhele udumo ngokuzikhulumela noma yini efikayo kuhlekwe kanti usuke engahambi yedwa usuke ehamba nowesilisa ovamise ukumthwebula enze ama-video  amfake koTiktok ukumjabulisa useke wabonakala emuqhubisa imoto yakhe yohlobo lwepolo.

Continue reading