UNdunankulu waKwaZulu-Natal useyalele amaphoyisa ukuba abhule umlilo ngomlilo uma ebhekene nezigebengu.

Esithombeni: UNdunakulu waKwaZulu-Natali uMnu Thami Ntuli usekhiphe umyalelo ukuthi amaphoyisa awazivikele nawo uma bebhekene nezigebengu.

OWAMI THABETHE

 UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnu Thami Ntuli  useyalele amaphoyisa ukuba abhule umlilo ngomlilo uma ebhekene nezigebengu.

“Siyakweseka impela ukuhlukunyezwa kwezigebengu ngoba nezigebengu zinolaka. Silahlekelwa yizimpilo eziningi, baningi abantu ababulawa mihla namalanga. Namaphoyisa awaphephile.

Uma bezama ukuya ezigebengwini bazibophe badubula amaphoyisa. Nokuthi amaphoyisa bangaphenduli uma bevutha bengabaselwe, angiboni ukuthi lokhu kuzosenza sikwazi ukunqoba izindaba zobugebengu esifundazweni,” kusho uNtuli.

Lokhu ukusho ngesikhathi kuqhubeka iSocial Crime Prevention Summit ebise-Olive Convention Centre, eThekwini, ngomhlaka 2 Agasti ngoLwesihlanu.

Le ngqungquthela ibanjwe kushubile ubugebengu, osekuke kwaqubuka amaphoyisa edubulana nabasolwa ngobugebengu esifundazweni saseKZN. Izibalo  zibeka isibalo sezigebengu ezibulawe ngoJulayi nje kuphela zingu-20.

UNtuli ufunge wagomela ukuthi isifundazwe sizoqinisa izinhlelo zokuqeda ubugebengu njengoba siqoqa izigebengu.

Uthe ubugebengu obudlangile esifundazweni benza abatshalizimali bangazethembi, wanxusa zonke izakhamizi ukuthi zihlanganyele ekulweni nabo. UKhomishana wamaPhoyisa esifundazweni uLieutenant-General Nhlanhla Mkhwanazi, naye obeyingxenye yengqungquthela, uphumele obala ngezibhamu ebhekise ebantwini.

 “Abantu bayashesha ukwehlulelana uma kudubulana amaphoyisa nezigebengu kumele kudubuleke iphoyisa hhayi isigebengu,kodwa uma kudubuleka isigebengu  nguwe phoyisa ongalungile”, kuqhuba uMkhwanazi.
 

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *