
SHEILA MHLONGO
UMengameli uCyril Ramaphosa uthe ukwethulwa kwezithombe eziyizikhumbuzo zikaNelson Mandela no-Oliver Tambo eThekwini kuwukuhlonipha igalelo elikhulu laba baholi emzabalazweni wenkululeko, ubulungiswa nokwakhiwa kweNingizimu Afrika yentando yabantu.
Uthe lezi zikhumbuzo zisiza ukugcina umlando wesizwe uphila futhi zifundisa izizukulwane ezintsha ngomzabalazo owaholela enkululekweni. URamaphosa ugcizelele ukuthi uMandela noTambo babengabaholi abazinikele ekulweni nokucwasa, ukuhlukana kwezinhlanga nokungalingani, futhi basebenza ukuhlanganisa abantu baseNingizimu Afrika.
UMengameli uphinde wathi la madoda ayengabaholi bokuthula ababesekela ukuxazululwa kwezingxabano ngoxoxisana. Uthe ifa labo lisikhumbuza ukubaluleka kobuholi obuqotho, obusebenzela abantu.
Uphinde wamemezela ukuthi iTheku lizoba indawo yokusingatha umhlangano wesi-46 wabaholi be-Southern African Development Community (SADC) ngo-Agasti 2026, okuyinto ezosiza ukukhuthaza ezokuvakasha nokuthuthukisa idolobha.
URamaphosa uthe lezi zithombe aziwona nje ubuciko kuphela kodwa ziyisikhumbuzo semihlatshelo eyenziwa ukuzuza inkululeko, futhi ziyisikhuthazo sokuthi abantu baseNingizimu Afrika baqhubeke nokwakha izwe elingcono.
“Isizwe esikhohlwa umlando waso asinakusasa. Siyakhetha ukuba nekusasa ngokukhumbula isikhathi esedlule,” kuphetha uRamaphosa.

