
SHEILA MHLONGO
UNgqongqoshe woMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zamakhosi (CoGTA), uVelenkosini Hlabisa, uqinisekise kabusha ukuthi i-District Development Model (DDM) iyinsika ebalulekile ohlelweni lwentuthuko yaseNingizimu Afrika.
“I-DDM isebenza njengohlaka oluyinhloko lokusebenza oluhlanganisa ukuhlelwa nokulethwa kwezinsiza kuzo zonke izifunda ezingama-44 kanye nezindawo eziyisishiyagalombili zamadolobha amakhulu,” kusho uHlabisa esitatimendeni ngoLwesibili.
Uqhakambise ukuthi inhloso emqoka yale modeli ukuhlanganisa ukusebenza phakathi kwezinhlelo zikahulumeni ezahlukene, hhayi ukuthatha amandla omasipala.
Ngaphansi kwalolu hlelo olwakhiwe uMnyango Wezokubusa Ngokubambisana Nezindaba Zamakhosi, omasipala basagcina amandla abo omthethosisekelo okuhlela nokuphatha, kuyilapho uhlelo lwezifunda olubizwa nge-“One Plan” luhlanganisa izinhlelo ezikhona ezivela komasipala, ezifundazweni kanye naseminyangweni kahulumeni kazwelonke.
Le modeli ihlose ukugwema ukuphindaphindwa kwemisebenzi, ukunciphisa ukuncintisana ngezinsiza, kanye nokulungisa ukuhlelwa kwezinhlelo zengqalasizinda okungahlangene.
“I-DDM ayithathi indawo yokuhlela komasipala kodwa ihlanganisa izigaba zikahulumeni ezahlukene ezizungeze izimfuno ezifanayo. Isahluko sesi-3 soMthethosisekelo siphoqa zonke izigaba zikahulumeni ukuthi zisebenzisane futhi zihlanganise izinhlelo zokusebenza,” kusho uHlabisa.
Le modeli iqinisekisa ukusebenza kwalowo mgomo womthethosisekelo ngokuhlanganisa iminyango kazwelonke, izifundazwe kanye nomasipala; ihambisanise izabelomali, utshalomali lwengqalasizinda kanye nokuhlelwa kwezindawo; futhi yakha ukubophezeleka okuhlangene emiphumeleni yentuthuko.
Ukuqeda ukusebenza “ngokwehlukana”
UHlabisa uthe ukuhlelwa okungahlangene sekunesikhathi kudicilela phansi ukuphatha kahle eNingizimu Afrika, njengoba iminyango kanye nezikhungo zikahulumeni zivame ukusebenza “ngokwehlukana.”
Kusukela yethulwa ngo-2019, uNgqongqoshe uthe i-DDM ibe ushintsho olukhulu, iqeda le ndlela yokusebenza futhi igxile ekuhlanganiseni ukuhlelwa, ukubhajetha kanye nokusebenza.
“Ngaleli zinga lokusebenzisana, i-DDM ifaka isandla ekwakheni uhulumeni onekhono, ozinikele futhi othuthukisayo,” kusho yena.
UNgqongqoshe wengeze ngokuthi le modeli iphinde isekele ukulingana phakathi kwezifunda namadolobha ngokunciphisa ukungalingani kwentuthuko phakathi komasipala.
Uphawule ukuthi amadolobha amakhulu nomasipala anamandla ngokwezimali ngokuvamile anezinhlelo eziqinile zokuhlela kanye nemithombo yemali, kuyilapho omasipala abaningi basemakhaya bebhekene nokushoda kwamakhono, ukuhlelwa okubuthakathaka kwengqalasizinda kanye nokungahlangani kahle neminyango kazwelonke.
“I-DDM ivumela uhulumeni kazwelonke nowezifundazwe ukuthi baqondise izinsiza ngendlela enamasu ezindaweni lapho amandla ebuthaka khona, ngaleyo ndlela kuthuthukiswe ukulingana kwezindawo,” kusho uHlabisa.
Ukuphendula ukukhathazeka ngamandla omasipala
Ephendula ukukhathazeka mayelana nomthelela wale modeli emandleni omasipala, uHlabisa uthe ukusebenzisana kuyisidingo somthethosisekelo futhi akuphazamisi ukuphathwa kwendawo.
Nakuba abanye ababambiqhaza bekhale ngokuthi i-DDM kanye nemithethonqubo yayo yango-2024 “iphambene nomthethosisekelo,” uNgqongqoshe uthe imibono yezomthetho etholwe uCoGTA ayivumelani nalokho.
“Empeleni, ezinhlelweni zokuxazulula izingxabano phakathi kwezigaba zikahulumeni, ikakhulukazi neHhovisi likaHulumeni waseWestern Cape kanye neDolobha laseKapa, inhloso ye-DDM yamukelwe njengendlela esebenzayo yokuthuthukisa ukuhlelwa nokusebenza okuhlangene kwesikhathi eside.
“Ukukhathazeka okuphakanyisiwe bekugxile kakhulu ezinqubweni nasezindabeni zobuchwepheshe mayelana nokusebenza kwe-DDM nokuthi kuchazwe kanjani emithethweni yango-2024, ikakhulukazi mayelana nokuhlanganiswa kwayo phakathi kwezigaba ezintathu zikahulumeni,” kusho uNgqongqoshe.
Uphinde wathi izichibiyelo eziphakanyisiwe kule mithetho yango-2024, ezisavulekele imibono yomphakathi, zihlose ukuthuthukisa lolu hlelo, ikakhulukazi ezindimeni nakuzibopho zababambiqhaza, kanye nobudlelwano phakathi kwe-“One Plans” nezinye izinhlelo zokuthuthukisa ezisemthethweni.
Lezi zinguquko zihambisana nemithetho ekhona yokuhlela, okubalwa i-Spatial Planning and Land Use Management Act (SPLUMA) kanye noMthetho Wezinhlelo Zomasipala ka-2000, kanye nokufeza izinhloso zokubusa ngokubambisana njengoba kuchazwe eSahlukweni sesi-3 soMthethosisekelo,” kusho uHlabisa.
UHlabisa uthe zonke izifunda ezingu-44 kanye nomasipala bamadolobha ayisishiyagalombili seziyingxenye ebalulekile yezinhlelo zikazwelonke, okubalwa ukukhula komnotho, ukuhlinzekwa kwezindlu, izinhlelo zezokuthutha kanye nokubhekana nokuguquka kwesimo sezulu.
“Lezi zinto azikwazi ukufezeka ngokusebenza ngokwehlukana, kodwa zidinga ukusebenzisana phakathi kwazo zonke izigaba zikahulumeni — okuyilokho kanye i-DDM ehlose ukukufeza,” kusho uNgqongqoshe.
Uphinde wagcizelela ukuthi inhloso enkulu yale modeli ukuqinisekisa ukuthi zonke izigaba zikahulumeni zisebenza ngokubambisana ukuze kulethwe intuthuko ehlanganisiwe kubantu baseNingizimu Afrika.
Ebheka ikusasa, uHlabisa uthe imiphumela yezinhlelo zokuxazulula izingxabano phakathi kukahulumeni kanye nezichibiyelo eziphakanyisiwe ziqinisa i-DDM njengendlela esebenzayo, ehambisana neNational Development Plan (NDP), ehlose ukuthuthukisa nokugcina ukusebenzisana kukahulumeni ezinhlelweni zokuhlela.
UNgqongqoshe unxuse ukuthi kube nendlela ebanzi kahulumeni nomphakathi ukuze kuqiniswe ukusebenza kwe-DDM ezweni lonke, kuqinisekiswe ukuthi wonke umasipala usebenzela izidingo zabantu.
“Iyona lemodeli kuphela engaguqula izinto ibe ngcono — ngokubambisana,” kusho yena. – SAnews.gov.za

