ZAMA MAJOLA
Abafundi abavela ezikoleni eziyisishiyagalolunye (9) ogwini oluseNyakatho yeKwaZulu-Natal bajabule ngokuthola umfaniswano wabo omusha wesikole. Lokhu kwenzeke ngenxa yokubambisana phakathi kuka-Tongaat Hulett, abalimi abancane, iMikhandlu yaMakhosi kanye nezigayo zomoba zakwaTongaat Hulett ezisezi ndaweni ezahlukene. Eminyakeni eyishumi edlule, sekungaphezu kwabafundi abantu-5 000 abavela emindenini entulayo abaye bazuza emkhankasweni wenkampani obizwa ngokuthi i-Back-to-School Campaign. Njalo ngonyaka uMnyango wakwa-Tongaat Hulett wezokuThuthukiswa koMphakathi (SED) weseka abafundi abangu-350 ngokuba thengela umfaniswano ogcwele wesikole kuyo yonke imiphakathi lapho inkampani isebenza khona.
Muva nje, abafunding abangu-150 abavela ezikoleni ezinhlanu (5) endaweni yase-Matikulu okuhlanganisa i-Phambili High, iWetane Primary, iSkhonyana Primary; iLokothwayo Primary kanye neMkhukhuze Primary banikezwe umfaniswano omusha. Ngenkathi bebonga u-Tongaat Hulett kanye nabasebenzi besigayo sikamoba sase-Matikulu, othisha bazibophezele ekudaleni indawo efanele ukufunda, ukukhula kanye nokuthuthuka kwabafundi babo bonke.
Abafundi abangu-100 abavela ezikoleni ezine (4) eziseduze nesigayo sikamoba esise-Maidstone okuhlanganisa i-Waterfall Primary, i-Kruisfonteni Primary, iSimphiwe Secondary kanye neMshwathi Primary nabo bathole umfaniswano omusha nezicathulo kulandela ukusebenza ngokubambisana phakathi kuka-Tongaat Hulett kanye neMakhosikhosi Trust.
IMakhosikhosi Communal Property Trust kanye no-Tongaat Hulett basebenza ngokubambisana ngaphansi kwesivumelwano esaqala ngo-2013, lapho i-Trust yagunyaza abakwa-Tongaat Hulett ukuthi balekelele i-Trust ngokusebenza umhlaba ukuze kutshalwe umoba. Inhloso yalesi sivumelwano ukuletha intuthuko emphakathini, ukudala amathuba omnotho kanye nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya. Le ndlela yokusebenzisana phakathi kwalezi zinhlaka zombili kugqugquzela u-Tongaat Hulett ukuthi asebenzise ubuchwepheshe bakhe ekutshaleni umoba nasekulawulweni kokusebenza umhlaba ongudeda nendlala. Lolu hlelo luphinde futhi lwenze amathuba lapho u-Tongaat Hulett adlulisa khona amakhono ngendlela ehlelekile. Iphinde ikhuthaze ukudalwa kwemisebenzi kanye nokusekwa kwemfundo nokuqeqeshwa kwalabo abaswele amakhono. Lokhu kusebenzisana kuyisibonelo esihle njengoba kusekelwe emigomeni yokubambisana nangaphezu kwemigomo ekhuthaza ukuphendula ngokuhlangayela ngokuqhubekayo emsebenzini wokutshala umoba phakathi kwezinhlaka zombili.
Inkosi Yesizwe uBonokwakhe Prince Gumede ubonge u-Tongaat Hulett ngokutshala imali ekusaseni lentsha yasemakhaya kanye nokubuyisela ukuzigqaja kubo abafundi. Uthe imindeni eminingi yasemakhaya ibhekene nobunzima kwezomnotho, okwenza kube nzima ukuthola izinto ezifana nomfaniswano wesikole.
USnethemba Kunene, uMphathi wehhovisi lezokuThuthukiswa koMphakathi kwa-Tongaat Hulett uthe inkampani ibheke ikusasa lemiphakathi yabalimi abasezindaweni zasemakhaya njengelibalulekile futhi itshala imali ukuze ibuyisele isithunzi nempumelelo kuyo lemiphakathi.
Uthe “umfaniswano unciphisa umehluko obonakalayo phakathi kwabafundi ukuthi baqhamuka emakhaya anjani ngokwesimo sempilo. Umfaniswano wakha futhi ugqugquzelo usiko lokufunda ezikoleni njengoba wakha umuzwa wokuzigqaja kubafundi nabafundisi; ukhuphule futhi nezinga lokuya kwabafundi esikoleni, emindenini ebhekene nobunzima lolu hlelo lususa umthwalo wokuthenga umfaniswano luphinde lwenze kube lula ukufinyelela esikoleni komfundi. Ngokusebenzisa i-Back-to-School Campaign, besihlose ukufinyelela ezinganeni ezivela emindenini engenamandla ehlala ezindaweni lapho sitshale khona umoba”.

