ZAMA MAJOLA
Sekusayinwe ubudlelwano obubize izigidigidi zamarandi phakathi koMnyango wezokuBusa ngokuBambisana KwaZulu-Natal kanye neBhange Lentuthuko laseNingizimu Afrika i-Department of Cooperative Governance and the Development Bank of Southern Africa. UNgqongqoshe weCoGTA, uMnu. Thulasizwe Buthelezi, uthi lesi sivumelwano sihlose ukuqinisa ukulawulwa kwezinhlekelele kanye nokuqina esifundazweni kuze kube u-2028. Uthi isimo sesifundazwe sidinga konke ukwesekwa okuvela kubalingani bakahulumeni nabazimele. “Eminyakeni yakamuva, iKwaZulu-Natal ihlaselwe kakhulu yizinhlekelele ezishiye ingqalasizinda, izindlu kanye nezindawo zokuziphilisa zonakele” kukhuluma uNgqongqoshe uButhelezi.
Udlulise nokuthi ubambiswano luzophinde lusize abezicishamlilo kanye nabasebenzi bezinhlekelele ukuthi beqeqeshwe, kuqalwe ngomasipala abahlanu abahlonziwe. UChuene Ramphele wakwaDBSA, uthi umnyombo wesivumelwano wukwesekwa koMasipala abangenazo izinsizakusebenza. “Ekuqinisekiseni ukuthi uhlelo lwethu lokubhekana nezinhlekelele luqinile futhi luyakwazi ukusabela. Umnyombo wakho konke wukusho ukuthi, siqalile, bese siphusha ukuqinisekisa ukuthi ekugcineni, isifundazwe siyashesha ukubhekana nezinhlekelele futhi siyashesha ukunqanda izinhlekelele” usho kanje.

