ITheku lisezinhlelweni zokuthola izindawo ezintsha zokukhoselisa abantu abangenamakhaya

ZAMA MAJOLA

UMasipala weTheku uthe umatasatasa ukuthola indawo efanelekile yokwakha isikhungo esisha esizohlinzeka abantu abangenamakhaya ngezindawo zokukhosela. Lokhu kulandela emuva kokukhathazeka ngokukhula kwenani labantu abahlala emgwaqeni uChe Guevara ngaseBerea. Muva nje, uKhansela weDemocratic Alliance u-Andre Beetge waphakamisa lolu udaba emhlanganweni wesigungu esiphezulu wacela idolobha ukuthi lithathe izinyathelo eziphuthumayo. UBeetge uthe amakhulu abantu ahlala eduze komgwaqo, okwenza kube sengozini enkulu yezempilo nezokuphepha kubahlali nasemphakathini.

Top of Form

Esitatimendeni esithunyelwe iNewswatch, idolobha lithe liyazazi izikhalo, okuhlanganisa nokwesaba ukuthi abanye abantu bakwamanye amazwe bangase bazenze bengenamakhaya ukuze benze izinto ezingekho emthethweni. Ithe amaphoyisa kamasipala azosebenzisana ne-SAPS ukuphenya nokuqinisekisa ukuthi abantu bakhona basemthethweni yini. Ngenyanga edlule, iMeya uCyril Xaba yathi indawo entsha yokukhosela abantu abangenamakhaya enemibhede engu-400 eLower Illovo kulindeleke ukuthi iphothulwe ngoDisemba futhi izothatha abantu abadala abangaba ngu-1 000. Idolobha lisamile ekutheni ukuphepha kwabantu kuseseqhulwini.

Bottom of Form

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *