Umculi we Gospel Nathi Myeza ukhombisa ukukhula endimeni yomculo. Lomculi ongowokuzalwa eMsinga Pomoroyi unethalente elimangazayo. Ukhule ecula kwikwaya ebhala izingoma kuyo lelokwaya ayecula nalo bebezigwazela ibhece behlomula ngezindondo zikhathi zonke.
Ngonyaka ka 2024 ngo October wathola umyalezo ovela ku Esheily odabuka ezweni lase Kenya emunxenxa ekutheni enze inhlolokhono. Kulapho ke enikezwe iminingwane nokungenela inhlolokhono, wabe esebathinta. Uthe eqeda ukubathumelela umculo wakhe base bemuthinta kungakapheli ngisho imizuzu eyishumi. Inkampani DCMUSICLOVE yakuqinisekisa ukuthi izomhlelela ithikithi lebhanayi, indawo azohlala kuyo kanjalo nokudla. Lenkampani eyahlabeka umxhwele ilentokazi izinze kwelase London phesheya kwezilwandle nokuyilapho wafike waqopha khona phesheya izingoma ezingamashumi amathathu.
Kulezozingoma kukhona nengoma ethi: “One Love” esematheni ayenze nabaculi abaqhamuka emazweni afana noKhenya, Mozambique, Zimbabwe kanjalo nase London. Lentokazi yenze lengoma lapho idlulisa umyalezo wokuthi abantu ababumbane bayeke ukucwasana nokubulalana.
Abadinga ukuthola umsebenzi wakhe Nathi Myeza, uyatholakala kuzona zonke izitolo ezidayisa umculo. Kulabo abadinga ukuxhumana naye. Ukhona Facebook: Nathi Myeza Gospel artist, YouTube-Nathi Myeza, Tiktok-Nathi Myeza naku WhatsApp / Call: 076 187 4609.

