






Ngomhlaka 22 Januwari 2026, uNdunankulu waKwaZulu-Natal kanye nezihambeli ezivela ezwenikazi lase-Afrika nasezweni lonke, bahlanganyela neSilo samaBandla — iNkosi uMisuzulu kaZwelithini — ekukhumbuleni iminyaka engu-147 yeMpi yaseSandlwana, lapho amabutho eNkosi uCetshwayo enza umlando ngokuba yibutho lokuqala emhlabeni nase-Afrika ukunqoba iButho lamaNgisi.
Impi yaseSandlwana ikhunjulwe eSandlwana, ngaphansi kukaMasipala waseNquthu, esiFundeni saseMzinyathi.
Esethula amazwi akhe, uNdunankulu uNtuli uthe ziningi izifundo ezibalulekile ezingafundwa eMpini yaseSandlwana.
Uveze ukuthi le mpi ifundisa isifundo somlando esibalulekile: uma isizwe simunye, akukho lutho olungasivimba ekunqobeni izithiyo ezisivimbela ukuba sibe sezingeni eliphezulu kakhulu esingaba yilo.
Ngokulandela ezinyathelweni zamabutho eNkosi uCetshwayo, ngobumbano nokuhloniphana, iKwaZulu-Natal inganqoba izinkinga zobugebengu, ukusetshenziswa kabi kwezidakamizwa, udlame olubhekiswe kwabobulili (gender-based violence) kanye nokubulawa kwabantu besifazane (femicide), okuyizinto ezilimaza isithunzi sesifundazwe, kusho uNdunankulu uNtuli.

