Amanani kaphethiloli kanye nakadizili azokwehla phakathi kwamasenti angu-50 kuya kwangu-65 kusukela ngoLwesithathu,namuhla. Lokhu kumenyezelwe uMnyango Wezemayini Nezinsiza Zikaphethiloli (DMPR).
Uparafini nawo izokwehla, kanti abasebenzisa igesi ye-LP bazobona ukunyuka kwamanani.
Izinguquko zentengo ezizosebenza kusukela ngoLwesithathu zimi kanje:
- Uphethiloli 93 (ULP no-LRP): kwehla ngo-65c
- Uphethiloli 95 (ULP no-LRP): kwehla ngo-65c
- Udizili (0.05% sulphur): kwehla ngo-50c
- Udizili (0.005% sulphur): kwehla ngo-57c
- Iparafini yokukhanyisa (intengo yokuthengisa ngobuningi): kwehla ngo-53c
- Intengo kazwelonke ephezulu yokuthengisa iparafini yokukhanyisa: kwehla ngo-70c
- Intengo ephezulu yokuthengisa igesi ye-LP: inyuka ngo-31c (kanti eWestern Cape inyuka ngo-36c)
“Izintengo zomkhiqizo wamazwe ngamazwe zehle ngenxa yokuba khona kwezinqolobane, nakuba intengo kawoyela ongahluziwe ikhuphukile. Lezi zinto ziholele ekwehleni kwegalelo kuzindleko eziyisisekelo zikaphethiloli, kadizili kanye noparafini wokukhanyisa ngo-36c ilitha, ngo-24.59c ilitha nango-21.13c ilitha ngokulandelana.
“Intengo ye-Propane ne-Butane ikhuphukile ngesikhathi ngenxa yesimo sezulu esibandayo eNyakatho yoMhlaba kanye nokuncipha kokutholakala komkhiqizo emhlabeni jikelele,” kusho i-DMPR.
IRandi liphinde laqinisa amandla uma iqhathaniswa neDola laseMelika (USD), isuka ku-R16.85 yaya ku-R16.31 ngeDola ngesikhathi esibhekiwe.
“Lokhu kuholele ekwehleni kwegalelo kuZindleko Eziyisisekelo Zikaphethiloli , kadizili kanye nekaparafini yokukhanyisa ngo-28.52c ilitha, ngo-31.62c ilitha nango-31.86c ilitha ngokulandelana,” kuchaza umnyango. – SAnews.gov.za

