Zehle ngamaphesenti angu-32.5% izingozi zomgwaqo ngesikhathi samaholidi ePhasika

SHEILA MHLONGO

Kulonyaka umbiko omayelana nezokuphepha emgwaqeni ukhombisa ukuthi iNingizimu Afrika iqophe isibalo esiphansi sezingozi kuleminyaka emithathu edlule.

“Isibalo sezingozi zomGwaqo ngonyaka ka-2024 sehle sisuka ku-209 safinyelela ku-141 kulonyaka ka-2025, lokhu okuchaza amaphesenti angu 32.5% uma kuqhathaniswa nezango-2024.” kusho uNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke uBarbara Creecy ngoLwesibili olwedlule.

Ngokusho kukaNgqongqoshe uCreecy uthe, izifundazwe zonke ziqophe izibalo zezingozi zomgwaqo ezehlile ngaphandle kweEastern Cape kanye nesaseMpumalanga, zombili ezikhombise isibalo esenyukile sezingozi.

Ngonyaka ka -2024 babalelwa ku-307 ababulawa izingozi zomgwaqo uma kukuqhathaniswa nesangalonyaka ka 2025 esibe u167, lokhu okusho ukwehla ngamaphesenti angu 45%. Kanti zonke izifundazwe zikhombise ukwehla kwesibalo sababulewe izingozi ngaphandle kwesaseMpumalanga, esiqophe ukukhuphuka ngamaphesenti angu 27.3% uma kuqhathaniswa nonyaka ka-2024.

“Babalelwa ku 28 ababulawe izingozi zomgwaqo eMpumalanga uma kuqhathaniswa  ngonyaka ka-2024.Kusho uCreecy ngesikhathi ethula umbiko wakhe kwabezindaba.

Umkhankaso we-Road Safety Arrive Alive, wamaholidi ePhasika wethulwa ngomhlaka 20 Mashi kanti uze waphothulwa ngomhlaka 2 Meyi 2025 ngaphansi kwesiqubulo esithi ; ‘It Begins with Me.’

Uhulumeni uzwakalise  ukuthi ukwehla kwezingozi zomgwaqo kanye nokufa kwabantu kungenxa yomsebenzi wabamaphoyisa omgwaqo obusabalaliswe kuzozonke izifundazwe uqhutshwa ezingeni likazwelonke, ezifundazweni, kuziphathimandla zomasipala kanye nokusebenza ngokubambisana phakathi kwezinhlangano zomphakathi kanye nohulumeni.

“ Lezizibalo zisibonisa  ukuthi kunenzuzo ukuqala ukuxhumana kanye nemikhankaso yokufundisa kusenesikhathi ngaphambi kokuqala  kwesikhathi samaholidi. Kukhombisa ukuthi ukusebenza ngokubambisana nezinhlangano zemiphakathi kanye nazo zonke izinhlaka zokugcinwa komthetho kuletha imiphumela emihle ekushintsheni indlela abaziphatha ngayo abasebenzisa umgwaqo.

Kunesibalo esingamaphesenti angu-47% sabantu abahamba ngezinyawo ababulawa izingozi zomgwaqo, lokhu okubonisa ukuthi umyalezo wethu awukakafinyeleli kubo, lokhu okusho ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele siwenze ezindaweni okwenzeka kuzo izingozi.

Manje siyakholwa ukuthi ngempela kothi kufika unyaka-2029 sobe sikwazi ukufeza umgomo wethu wokunciphisa izingozi zomgwaqo kanye nokufa kwabantu okungenani ngamaphesenti angu 50%. Okumele sikwenze manje ukuphokophela ukufeza lomgomo ngaso sonke isikhathi. SANews.gov.za.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *