Inhlangano Amandla entandane Foundation inikela ngezicathulo kwaba swele esifundazweni

ONGEZIWE NTONDINI

UGcinokwakhe Mkhize ongu mhlali wase Pinetown usungule i-Amandlentandane Foundation eyinhlangano engenzi nzuzo esebenzela ukulekelela umphakathi kulokhu oswele ngakho.

Amandlentandane asungulwa ngo-2021,aqala ukusebenza anikela, ngeyicathulo ezikoleni, ama sanitory pads kanye nezingubo zokugqoka  baphinde bagqugquzele  intsha  nomphakathi, ukuthuthukisa izimpilo zabo ngemfundo esezingeni eliphakeme nokushintsha impilo ibe sezingeni elingcono.

 “lokhu lenhlangano ikwenza nje iphila ngokucela kosomabhizinisi bendawo, kuyisifiso sami ukuthi emnyakeni ezayo kube sekwinhlangano enkulu futhi esikwazi ukungenelela ekutheni abantu bakwazi ukushaya omazisi nakwa-SASSA ikakhulukazi kulaba abantulayo nalaba abangathathintweni, Ingane esizisizayo ezisuke zingathathintweni, nezikhuliswa ogogo” kusho uMkhize.

Amandla eNtandane Foundation igqugquzela ukuthi noma kungathiwa uyintandane kodwa akusho ukuthi angeke ube ilutho futhi mawuyintandane esingcono empilweni ungakhohlwa ilezezinye izintandane, bakhuthaze ngokuthi wenze okuzosiza bona noma nisesimeni esifanayo.

“Into eyenza ngiqale lefoundation ugogo wami usebenzile wangikhulisa ngokusifundisa ukubaluleka kokusiza umuntu nomungenalutho kodwa umsize ngonakho, bekuyekuthi mangicoshela kubekhona izimo ezikufisela ngomunyu  ezangenza ngafisa ukuvusa umoya ka Googo wokupha”

Kulonyaka  isinikeze ingane eyilinganiselwa ku-50 ezikoleni ezimbili zase Molweni okuyi Molweni Primary school kanjalo ne Lamula Primary School, Kodwa ayikaqedi njengoba  isahlela ukuvakashela nezinye izikole maphakathi nonyaka.

Uma ufisa ukuxhumana nathi kuFacebook, tiktok: Gcino Gcwabe, ivamise ukusiza kwimikhandlu yeTheku, engxenyeni enkulu yasembo,eMolwen, Ngcolosi kanjalo, Bothashill kanjalo nakumkhandlu wase Ndwedwe engxenyeni enkulu ka ward 2. usebenzisene kakhulu no Nkosikazi Khambule osuka kwi Unjani Clinic no Mrs Mistry wakwi Waterfall Checkers kanye no David wase Waterfall Superspar.

Kuyisifiso sika Gcinokwakhe ukusebenzisana nezinhlaka ezingakwazi ukulekelela ngoxhaso kanjalo neminyango ka Hulumeni ikakhulukazi u-Sassa kanye no Mnyango weZasekhaya.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *