INgqophamlando uMnyango usayina isivumelwano esizokonga izigidi  zabakhokhi bentela  oLundi

ZAMA  MAJOLA

Kuqopheke umlando uMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu oholwa nguMfu. Thulasizwe Buthelezi noMnyango Wezokusebenza kwabantu  neNgqalasizinda oholwa uMnu. Martin Meyer, besayina isivumelwano okungesokuqala ngqa kuhulumeni wesifundazwe.  Lokhu kudalulwe esithangamini sabezindaba ebesibanjelwe e-Archie Gumede Conference Centre, eMayville, eThekwini. Kulapho uNgqongqoshe Meyer aveze ukuthi ibhilidi elidala lesiShayamthetho elisoLundi selisezandleni zoMnyango wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu.

Amukela lezi zindaba uNgqongqoshe Mfundisi Buthelezi udlulise ukuthi lesi sivumelwano sengqophamlando sizoletha ushintsho kubantu basoLundi. “Amabhilidi angaphezulu kuka-80 esiwanikwa uMnyango kaMnu. Meyer siyawamukela futhi sinezinhlelo eziningi ngokusetshenziswa kwawo. Ziningi nezinhlelo esinazo ngeSishayamthetho kanti amabhilidi azobhekwa isimo akusona bese eyalungiswa. Kuzona nazolungiselwa ukuthi kuhlale Amakhosi neziNduna uma eye emihlanganweni yawo oLundi bese kuthi ezinye kuqashiswe ngazo.  Lokhu kusho ukufukuleka komnotho oLundi nokubaseduze kwezidingo zikahulumeni kubantu,” kusho uMfundisi Buthelezi.

Uphinde waveza ukuthi ibhilidi ebeliqashwe nguMnyango wakwaCogta eMgungundlovu, likhokhelwa imali engango-R24 million ngonyaka ngeke isavuselelwa leyonkontileka. “Lokhu kusho ukuthi eminyakeni emithathu sizokonga imali engango-R74 million okuyimali esizoyisebenzisa ukulungisa lamabhilidi kanye nasohlelweni lwempesheni ne-medical aid yamakhosi. Abasebenzi abebekuleli bhilidi bazothuthelwa kwamanye ahulumeni okusho ukuthi kayikho imali ezomosheka,” kusho yena.

UShenge uthe okunye okuhle ngalesi sivumelwano ukuthi baningi abazothola amathuba emisebenzi ngesikhathi kulungiswa lamabhilidi kanti nalabo abasemkhakheni wokudayisa nokuthenga izindlu nabo basethubeni eliyingqayizivele. “Umnotho wasoLundi angeke usafana nasekuqaleni ngoba kuningi okuzoshintsha. Lapha sizoqhuba umsebenzi owaqalwa nguMntwana wakwaPhindangene ngesikhathi kwakhiwa lesi Sishayamthetho wayefisa kushintshe impilo yabantu basoLundi namaphethelo,” kuqhuba uMfundisi Buthelezi.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *