March 2026
UNkk. Gugu MaMzobe Togara ngaphansi kwenhlangano yakhe iBonisa wenza umsebenzi wokusiza ngezixazululo kuzo zonke izinhlangano ezizimele, unezinhlelo ezine eziyisisekelo okunguBonisa Sustain kuhlanganisa neBonisa Community Development nokuqhuba umkhankaso wokuqhwashisa ngezenzo zokuhlukumeza ngokobulili kanye nokubulawa kwabesifazane nezingane (GBVF). Uphinde abe nguMqondisi enkampanini yakhe iLinogugu Productions ezinze eThekwini.
Continue reading
UMnu. Maxwell Zondi uMsunguli weMaxwell Zondi Foundation enakekela imiphakathi ngezindlela eziningi. Isebenzisana nezinhlaka zikaHulumeni nezikaMaspala, abefundisi, abasakazi amaRadio stations ngenhloso yokuthi abadinga usizo kwiFoundation baluthole. Silekelelile ekutholeleni izindawo zokulala abazidingayo. Ngokulekelelana nama khansela nama social worker safunela nezingane ezintulayo ama-uniform esikole sisizwa izimboni zama-Taxi.
Continue reading
Apostle Mfaniseni Moses Zungu webandla le-God is Good International Ministries usebenza kakhulu ngokuvikela umphakathi nangokunikeza uxhaso ngezinto eziningi nalapho beqhwashisa khona intsha ngama drugs behambela nezikole ezahlukene bakhulekele abantwana. Basemkhankasweni wokuqhuba imikhuleko ngaphansi kweRevival International Prayer Convention Proposal eqale mhlaka-01 Septhemba 2025 kuze kuyoba unyaka ka-2030.
Continue reading
UConstable Thandazile Happiness Blose usebenzisana nozakwabo embuthweni (SAPS) uqhuba izinhlelo zokuqwashisa ngobugebengu ezikoleni nasemphakathini, elokishini lakwaMashu kanti usebenzisana nezinhlaka ezifana ne-CPF, Youth Desk , Spiritual Crime Prevention, NGO, NPO, Community Safety and Liaison, Nicro, DSd, NPA, KwaMashu, Business Forum, HIVTBCARE, DOE kanye ne.DOH.
Continue reading
Bishop Michael Matolo ungumholi obambe iqhaza elikhulu emphakathini , akagcini nje ngokuba umholi oqotho , ukuhlakanipha kanye nokholo futhi wenza iminikelo yabazalwane ibuyise ithemba kulabo abahlwempu futhi ufisa ukuba nohlelo lokuqhubeka nokuphakamisa izimpilo zabantu. Inhloso yenhlangano ye-Masithwalisane Disability yenza umsebenzi omuhle kakhulu ohkanganisa ne The Voice of Disability Church Movement.
Continue reading
ITheku libeke onogada abangu-500 emabhishi abazoqapha ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi
ZAMA MAJOLA Abaqaphi abangu-500 bazobe bephethe ogwini lweTheku ngesikhathi samaholidi. UDkt Simphiwe Ndlovu, iNhloko yezokuNgcebeleka namaPaki eThekwini, uthi abaqaphi bamaholidi…

