ITheku libeke onogada abangu-500 emabhishi abazoqapha ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi

ZAMA MAJOLA

Abaqaphi abangu-500 bazobe bephethe ogwini lweTheku ngesikhathi samaholidi. UDkt Simphiwe Ndlovu, iNhloko yezokuNgcebeleka namaPaki eThekwini, uthi abaqaphi bamaholidi abaqashwe ngokugcwele balungiselela amaholidi. “Silindele izivakashi ezingaba ngu-100,000 kuya ku-120,000, okuyinto evame ukwenzeka ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi” kusho uNdlovu.

NgoLwesithathu lo mhlaka 5 Novemba, umasipala ubunomcimbi obuseMoses Mabhida Stadium wokuqhakambisa abahlengi nonogada bezindawo zamanzi ngemizamo yabo yokunciphisa ukuminza kwabantu. Abahlenga izimpilo zabantu banikezwa izitifiketi zokubonga ngomsebenzi wabo. Ngokusho kweLifesaving South Africa, iKZN ibe nesibalo esiphezulu sabantu abaminza olwandle namachibi ngoNovemba nangoDisemba nyakenye.  Kodwa uNdlovu uthi bazilungiselele kangcono kule sizini.

SHEILA MHLONGO
Author: SHEILA MHLONGO

Joyina Umndeni Wethu

We don’t spam! Read our privacy policy for more info.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *