UThabo Mbili ongumculi waseDanganya ufisa izingoma zakhe zifinyelele nasemisakazweni

Umculi osemusha uThabo Mbili ohlala esigodini saseDanganya eMnini unxusa ukwesekwa kumculo wakhe asanda kuwukhipha.
Ekhuluma nentatheli yeKZN Namuhla Newspaper uMthboz Da Rocker okuyigama abamubiza ngalo kwindima yomculo ukhale ngokungatholi kahle uxhaso uma usafika kwindima yomculo.Uphinde waveza ukuthi uyafisa umculo wakhe ufike naseziteshni ezinkulu nezomphakathi ukuthi zidlale umculo wakhe akholelwayo kuwona ukuthi uzojabulelwa iwona wonke umuntu othanda umculo onesigqi somdanso.

Okunye akuvezile ukuthi kulesikhathi samanje kumba eqolo ukwenza umculo kakhulukazi mawungenayo inkampani ekuphethe kubanzima kakhulu nasekwenzeni ivideo yomculo.
Emculweni uThabo usebenze neciko elabamba iqhaza kwingoma eyaduma izwelonke IGobisiqolo uTrigger okunguye athe usemsize kakhulu emcathulisa kulendima yezomculo. 
Kwizinkundla zokuxhuma athe usebenzisa wona kakhulu  uFacebook u Mthiboz Da Rocker.