INkantolo ePhakeme eMgungundlovu ichithe isinyathelo sokuhlakazwa kweBhodi le-Ngonyama Trust

Isilo uMisizulu KaZwelithini  isona  kuphela i-trustee ye-Ingonyama Trust, ephethe cishe amahektha ayizigidi ezintathu (3million) omhlaba KwaZulu-Natali.

INTATHELI YE-KZN NAMUHLA

INkantolo Ephakeme yaseMgungundlovu  iphinde yachitha isinqumo sikaNgqongqoshe wezokuLungiswa KoMhlaba, uMzwanele Nyhontso, sokuhlakaza  ibhodi le-Ingonyama Trust.

UNgqongqoshe uthe uthathe lesi sinyathelo ngemuva kokuthi kube nokwesula kwamalungu amaningi, kwasala amane kuphela, okwenze ibhodi lingabi nesibalo esanele (quorum) sokwenza izinqumo.

Amalunga eBhodi  asiphikisile lesi sinyathelo enkantolo, ethi asikho emthethweni futhi singalimaza ukuzethemba kwabatshali zimali.

Isilo isona  kuphela i-trustee ye-Ingonyama Trust, ephethe cishe amahektha ayizigidi ezintathu  (3million) omhlaba KwaZulu-Natali.

ISilo uMisuzulu iyaqhubeka nokufuna ukulawula ngokuphelele

Khona manjalo, Isilo uMisuzulu kaZwelithini sitshele amaKhosi neziNduna ngesikhathi kuvulwa iNdlu yabaHoli Bomdabu eLundi ukuthi umzabalazo wokuthola ukulawula okuphelele usekude ukuphela.

“Asizukuyeka ukulwa ngoba sifuna ukuthi i-trust isuswe ePitoli ibuyiswe lapha ukuze siyiphathe thina ngokwethu,” kusho yena.

Isilo uMisuzulu ngenyanga edlule yethule icala enkantolo ngenhloso yokulawula izimali ze-Trust.

Iphinde yaqoka iphaneli yasebukhosini ezocela ukuguqulwa komthetho we-Ingonyama Trust ePhalamende.

Izinguquko ezihlongozwayo zomthetho

NgoFebhuwari, Isilo uMisuzulu samemezela izinhlelo zokuguqula ibhodi le-Ingonyama Trust, yathi ukulawula kufanele kubuyele kubaholi bendabuko.

Isilo  sithe amaKhosi okwamanje  adlala indima ebalulekile ezinqumweni ezithinta umhlaba ophethwe yi-Trust.

Iveze ukuthi izophakamisa izichibiyelo kuMthetho we-Ingonyama Trust ukuze amalungu ebhodi aqokwe yiSilo, hhayi uNgqongqoshe weziNdaba zoMdabu.

Isilo uMisuzulu siphinde sathi siqoke ijaji eselathatha umhlalaphansi kanye nommeli omkhulu ukuba bahole inqubo yokwenza izichibiyelo.

“Lesi sinyathelo sizoqinisekisa ukuthi amakhosi alawula ngqo futhi aqaphe yonke imihlaba. Sekuphelile isikhathi lapho uhulumeni ethatha izinqumo egameni lamakhosi, sengathi amakhosi awanalo ulwazi, amava noma amandla okuzithathela izinqumo,” kusho yena.

“Ngiyalele uNdunankulu wami, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, ukuthi ahole ithimba elizoxhumana nawo wonke amaqembu ezepolitiki angu-18 amelwe ePhalamende ukuze athole ukwesekwa kwezichibiyelo ezihlongozwayo zoMthetho we-Ingonyama Trust.”

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *