UGugu Mtshali ongumsunguli wenhlangano –Amaqhawekazi Anamandla  uthi uphokophele ukusiza  izingane,abesifazane nabesilisa abahlukunyezwe izimo ezehlukene empilweni

UGugu Mtshali ongumsunguli weOrganization ebizwa (Amaqhawekazi Anamandla) elekelela kakhulu abantu besifazane,abesilisa kanye nabantwana abahlukumezwe izimo ezahlukeneyo zempilo (GBV) ngokuhlala useNagina.

Ngenxa yegalelo lakhe lomsebenzi omuhle awenza emphakathini  engabheke nzuzo, uGugu uwine I-Award ye Women of the year 2025 ngaphansi kweCategory ye-Women in Community Empowerment.”  

Ekhuluma mayelana nomsebenzi wakhe wokusiza abantu, uGugu ubeke kanjena. “Kuyenzeka ma sebefika belimele emoyeni impilo imile ngenxa yobuhlungu abadlule kubo, siyaye sibaluleke ngokomqondo sibafundise ukuxola noma okonile engaxolisile ngoba lokhu usuke uzenzela wena ukuze ube nokuthula, abukho ubuhlungu njengokuphila ungenakho ukuthula enhlizweni,sibalekelele ngezwi leNkosi nangomkhuleko.

Senza nama conferences la sibabiza khona ukuthi bazolalela abanye ababesimweni esifanayo nesabo kokunye uthole ukuthi ekulaleleni abanye bexoxa ngokuthi badlule kanjani ezinkingeni ezacishe zadlula nokuphila kwabo kodwa uNkulunkulu wenqaba, bazithole bephila bebona obabo ubuhlungu bubuncane kakhulu kunalokhu abasuke bebulalele, bese umuntu ezithola esexola,exolela nabamhlukumeza.

Asigcini ngokubatholela usizo lokululekwa ngokomqondo siyabanika nezimpahla zokugqoka kwabadingayo sisohlelweni lwamafood parcels azolekelela kakhulu kulaba abahlukunyezwa ububha bengathathi ntweni.

Amaqhawekazi Anamandla asezinhlelweni zokufundisa abesifazane ukuzimela bazenzele bona imisebenzi ezobangenisela imali ngoba kuyavela ukuthi baningi abahlukumezeke ngenxa yokuswela bagcina sebebekezela noma kudlwengulwa abantwana ngoba bencenge ukuba ngaphansi ngophahla kungekho la bengaphuma baye khona.

Kanjalo nabesilisa abazithola behlukumezeka bayasizakala  siyahlala nabo sixoxe babhoboke ngoba kubonakele ukuthi le yokuthi indoda ayikhali ayisasebenzi ngoba ikhanda ubulwane ngaphakathi kubo siyabancenga bakhulume bathole usizo ngoba umphakathi uyafa uma kufe imindeni.

Siyinhlangano yaMaqhawekazi Anamandla sinesifiso sokulekelela kakhulu umphakathi ngokuthi “asiphole kumanxeba angabonwa muntu ukuze sibe isizwe esiphilile nesiphephile sinakekelane,siyadingana” zinkulu izinhlelo esizoza nazo ukulekelela abantwana,abesifazane nabesilisa abahlukumezekile ukuze basizakale

0639633800

email: mtshalig00@gmail.com

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *