SHEILA MHLONGO
Ithala lisola lowo ophathiswe isikhundla sokwengamela izimali zalo (Repayment Administrator) ngokuthi ufuna ukulivala njengoba lingenayo ilayisense yokusebenza njengebhange. Lokhu kuvele esitatimendeni esithunyelwe kwabezindaba ngoLwesihlanu lomhlaka 17 Januwari 2025.
Isitatimende sithi Ithala libhekene nengwadla yokuthi lingase livalwe uma uhulumeni engaphuthumi ukuvimba lesimo esidalwe ilowo ophathiswe ukwengamela izimali zalo. Lokhu lithi kwenzeka emva kwezingxoxo eziningana nalomphathi obizwa ngokuthi uJohannes Kruger ukuthi akaliyeke liqhubeke nokusebenza kodwa noma kunjalo usemane walinqumela ugwayi katiki ukuthi lime ukwamukela izimali kumakhasimende wathi kumele liqale ukwenza uhlelo lokukhipha izimali ezifakwe amakhasimende.
Isitatimende siqhuba ngokuthi lomphathi uyaqhubeka nalemizamo yakhe yokufuna ukuvala Ithala nakuba selimnikeze isiqiniseko sokuthi alinayo inkinga yezimali kanye nesiqiniseko esivela kwezinye izinhlaka okuhlanganisa ikomidi lezezimali ePhalamende kanye nohulumeni waKwaZulu-Natali.
Lomphathi usemane waqala izinhlelo zokuvala Ithala ngaphambi kokuthi kube nesinqumo senkantolo ngalokhu .Konke lokhu lomphathi ukwenza sibe singekho isidingo. “Ithala alinayo inkinga yezimali konke kuhamba kahle linemali engaphezu kakhulu kwezindleko enazo, kanti ngisho nombiko woMcwaningi maBhuku naye wakufakazela kokhu wanika Ithala umbiko omuhle ngomhlaka 31 Mashi 2024.” kusho isitatimende.
Ithala selikwaze ukusebenza izinyanga ezingu -13 emva kokuqokwa komphathi wezimali, kanti ngenxa yokukwenza kahle kakhulu kwezezimali akuzange kube khona itwetwe lokufuna ukukhishwa kwezimali. Izimali bezilokhu ziphephile kulezinyanga ezingu-13, nalomphathi akakaze athole ubufakazi okubonisa ukuthi kukhona okungalungile noma okungahambi kahle ngasohlangothini lwezimali ezifakwe amakhasimende.
“Isenzo sika Kruger sokumisa ukusebenza kwe Ithala kubukela phansi ilungelo lamakhasimende ethu ukuthi akwazi ukuthola izimali zawo, futhi lokhu kwenzeka ngesikhathi esibucayi lapho abantu abaningi belungisela ithemu entsha yokuvulwa kwezikole lapho kudingeka babhekane nezindleko zesikole,lokhu futhi kuphambene nelungelo lokuvikela amakhasimende kanye nokwenze ukuthi kube nozinzo kwezezimali nokudelela umyalelo wenkantolo omayelana nokusebenza kwe-Ithala.” kusho isitatimende.
Sizomthathela izinyathelo zomthetho, maduze sizofaka isicelo sokuphikisa isinqumo somphathi wezimali, Khona manjalo uhulumeni waKwaZulu-Natali usexhumene noNgqongqoshe wezeziMali uMnu. Enock Godongwana ukuzama ukuthi kutholakale isixazululo sesikhashana esizokwenza ukuthi izimali zamakhasimende zidluliselwe kwamanye amabhange kuze kuba kutholakala ilayisense yokuqhuba umsebenzi we-Ithala.
Isifundazwe sigcizelela ukuthi ukudluliswa kwezimali isikhashana kubalulekile futhi kungasiza ukuthi Ithala liphinde liqhubeke nokwamukela izimali kumakhasimende.
Ukuvalwa kwe-Ithala kungabeka engcupheni abantu baKwaZulu-Natali ikakhulukazi amakhasimende kanye nabasebenzi ababalelwa ku 400, kuphinde kubeke engcupheni ikakhulukazi abantu abasezindaweni zasemakhaya abathembele kulona Ithala ngezidingo eziphathelene nezimali kanye nemihlomulo yakwaSASSA.