Ziyanda izenzo zodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane

Kusukela ngoLwesihlanu lomhlaka 25 Novemba kuze kuyoshaya umhlaka 10 Disemba izwe laseNingizimu kanye nomhlaba wonke liqalise ukuqhuba umkhankaso waminyaka yonke wokulwisana nesihlava esibi sezenzo zodlame olubhekiswe  kubantu besifazane nezingane. Futhi okubuhlungu ukuthi lomkhuba omubi kangaka ubukeka wanda kakhulu ikakhulukazi lapha ezweni lethu.

Lomkhankaso owaziwa nge”16 DAYS OF ACTIVISIM FOR NO VIOLENCE AGAINST WOMEN AND CHILDREN”. Kusuke kuqondwe ngawo ukuthi kuqwashiswe umphakathi ngobubi bezenzo zokuhlukumeza abesifazane nezingane.

Lomkhankaso njengoba uqalile uyoze uphethe mhlazane zingu 10 kuDisemba okuwusuku oluqondene nalolo olwaziwa ngokuthi ‘International  Human Rights Day’ olumayelana nokuqwashisa umhlaba wonke mayelana namalungelo abantu, nokuyinto esibukeka idelelekile kakhulu kuleminyaka.

Isibalo esiphezulu sodlame olubhekiswe kwabesifazane sifakazelwe ucwaningo olusanda kwenziwa oluveza ukuthi lapha eNingizimu Afrika isibalo sabesifazane  abayizisulu zodlame babalelwa ku 855 kusukela enyangeni kaEphreli –Juni 2022,  kuthi izingane zibe u243 ezibulewe. Lokhu kuchaza kahle kamhlophe ukuthi usemkhulu umsebenzi okumele wenziwe uhulumeni ukuthi enyuse izinga lokushushisa kugwetshwe kanzima abenzi bobubi. Ukukhula kwesibalo sodlame olubhekiswe kwabesifazane nezingane kukhomba kahle kamhlophe ukuthi uhulumeni kanye nabomthetho abenzi ngokwanele ukuxwayisa labo abenza izenzo zokucekela phansi amalungelo abanye abantu. Kanti okubuhlungu ngisho nemithetho ebekwayo ayibukeki isiza ukwehlisa isimo. Okungakho kumele uhulumeni ake ayibheke indaba yokubuyisa isigwebo sentambo.