Sibungaza iminyaka engu 31 iNingizimu Afrika yathola inkululeko

SHEILA MHLONGO

Inyanga ka-Ephreli ibaluleke kakhulu kubantu baseNingizimu Afrika njengoba eminyakeni engu-31 edlule abantu bakuleli bezinhlanga ezahlukene bathola ithuba lokuvotela uhulumeni weNtando Yeningi okokuqala ngqa ngomhlaka -27 Ephreli 1994.

Lenyanga ibaluleke kakhulu kumuntu onsundu olwaziyo ubandlululo lwabamhlophe kanti ibaluleke nakakhulu kuwowonke amaqhawe omzabalazo okuyiwo adela izimpilo zawo ukuze abantu bakuleli bathole inkululeko.

Kuyadabukisa nokho ukuthi uma isimo esihle sisaqala abantu bayajabula kodwa okuthi bangajwayela ubumnandi besimo bese beyakhohlwa. Okwamanje angithandi ukubalula amagama amaqembu epolitiki kanye nabantu, kodwa ngifuna nje ukugxila kwisimo esesizithola sikuso manje njengabahlali baseNingizimu Afrika.

Emva kokuvotela uhulumeni wentando yeningi (Democratic Government) iningi labantu lalicabanga ukuthi impilo izoba ngcono kakhulu ngoba phela kuningi esakuzuza ukubala nje okumbalwa ngingasho, inkululeko  yokuvotela uhulumeni wentando yeningi singabantu abamnyama, ukuhlala ezindaweni okwakungezabamhlophe kuphela, ukufunda ezikoleni zabamhlophe, ukuqhuba amabhizinisi emadolobheni, ukuvunyelwa ukuhlala noma ikuphi lapho sithanda khona, ukuzikhethela inkolo esiyithandayo, ngaphandle kokubeleselwa ngenkolo eyodwa, kanye nokunye okuningi engingekubale manje.

Kodwa ke  bonke lobubuhle esabulethelwa inkululeko buphinde futhi bahlaselwa imikhuba emibi ecindezela amalungelo abantu ukuthi bakwazi ukuphila kahle bekhululekile. Laphake ngibala izinto ezifana nobugebengu, ukungalingani ngokwezinga lempilo, okudala kube neningi labantu eliphila ngaphansi kwengcindezelo yobuphofu uma kuqhathaniswa nedlanzana labantu abansundu abadla izambane likampondo besizwa izigwili zabelungu ngenhloso yokudala uqhekeko phakathi komuntu onsundu ukuze singathokozeli lenkululeko ngokuphelele.

Lesisimo sokungalingani ngokwezinga lempilo sesidale ukuthi abanye abantu bazithole sebenamandla okucindezela abanye abantu bebaphuca yonke inkululeko abayizuza eminyakeni engu-31 eyadlula.

Lapha eNingizimu Afrika, kunabantu abazenzela umathanda ngezimpilo zabanye abantu lokhu bekwenza ngokuhlukumeza labo abangenawo amandla ngokubaphuca lokhu abanakho, lapha ngingabala imidlwembe yabantu ehlukemeza ibulale abanye abantu ibaphuca ilungelo lokuphila, abantu abahlukumeza izingane nabesifazane ibadlwengula iphinde ibabulale, izigebengu eziphuca abanye abantu ilungelo lokuhlala ngenkululeko kanye nokuhweba ngenkululeko kumabhizinisi abawenzayo kanye nokunye okuningi engingekubale manje.

Sengiphetha. Lapha,  eNingizimu Afrika kuningi okubuhlungu osekwenzeka manje okuphuca iningi  labantu inkululeko esayizuza ngonyaka ka-1994, inhlupheko nokweswela nakho okuyinkinga enkulu edala ukuthi abantu baphile ngodlame. Umbuzo enginawo manje owokuthi ingabe sokhululwa ubani kulolusizi  iningi eliphila ngaphansi kwalo ngoba ngisho nabaholi esibathembile nabo basihlinzela ezibini ngenxa yenkohlakalo edla lubi edalwa ukuthanda imali kakhulu kunokuthanda isizwe sethu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *