UZenande Mfenyana ukhala ngokubukelwa phansi kwabalingisi abadumile ngenxa yama Social media influencers 

SHEILA MHLONGO

Umlingisi owaduma emdlalweni kumabonakude iGeneration kanye neminye uZenande Mfenyane(39) ukhala ezimathonsi ngalokho akubiza ngokubukelwa phansi kwabalingisi abanethalente kanye nolwazi olunzulu kwezokulingisa ngenxa yosaziwayo abadume ngenxa yenzinkundla zokuxhumana. UZenande ukusho lokhu ngesikhathi kade ekhuluma kwi Podcast ka Natasha Entertainment.

UZenande uthi kubuhlungu kakhulu lokhu okwenzekayo, yena njengomlingisi onesipiliyoni kusukela ngonyaka ka-2011 enza lomsebenzi kodwa manje sekumele aqophisane nalabo abadume ngenxa yezinkundla zokuxhumana (Social Media Influencers) sekuyibo abanikwa amathuba omsebenzi ngoba nje benabalandeli abaningi.

Echaza ngalenkinga entsha uZenande uthi ngisho ehambela ama odishini (auditions) uthola ebuzwa ngokuthi bangaki abalandeli bakhe ezinkundleni zokuxhumana. Uthi yena lombuzo umane awushaye indiva.

“Ngingumlingisi onethalente nesipiliyoni, umsebenzi wami uyazikhulumela wona ngokwawo, ngifake kwi tape uzizwele ungalokhu unaka indaba yokuthi nginabalandeli abangaki.” kuphetha uZenande, weleka ngokuthi akazi ukuthi lesimo siyoke siphinde sishintshe njengoba manje sekuhamba phambili izinkundla zokuxhumana.

Lesikhalo sikaZenande senanelwe abanye abantu bevumelana naye ngokuthi impela ibuhlungu lento yedumela lezinkundla zokuxhumana ngoba ilimaza umsebenzi wabantu abasebenze kanzima becija amakhono abo okulingisa.

Omunye umlandeli kaZenande uthe ngempela iqiniso leli ngoba manje nakomabonakude sekugcwele wona ama influencers ngaphezu kwabalingisi esibaziyo ngamathalente abo.

Nokho abantu abayi ngenxanye bengemanzi njengoba omunye uphendule lomlingisi ngelokuthi, yena kuyamjabulisa ukubona izinkundla zokuxhumana zivulela abanye abantu ithuba  ukuze bakhombise nabo ithalente labo bathole ukwaziwa. “ Sesiphelile isikhathi sokuthi silokhu sibona abantu abayingcosana abahlala eGoli bephila izimpilo esingazazi, manje sesibona nabantu abazihlalela nakoQumbu abanethalente elingcono kunalokhu sibukiswa abantu ababodwa.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *