Imiphumela yokwenyuka kwamanani ezimpahla eqonde ukukhuphula intengo yokulethwa kwezidingo zomphakathi ngesikhathi uhulumeni enciphisa izindleko kanye nesimo somnotho esingenalo uzinzo

Umbhali: uPaul Kariuki

Njengoba sisondela ekupheleni kuka-2025, isimo somnotho waseNingizimu Afrika sihlala sibuthaka phakathi kwezinselelo zangaphakathi nezamazwe omhlaba eziqhubekayo. Isitatimende sakamuva sesabelomali saphakathi nesikhathi sibonisa indlela esobala, sibheka ukukhula komnotho okuhambe kancane, ukwehla kwamathuba emisebenzi ikakhulu kwentsha kanye nokwanda kwezikweletu zikahulumeni. Ukushintsha-shintsha kwamanani entengo, okuyinto ewumgogodla kulezi zikhathi, kuye kwengeza ukuqina kwezinselelo zomnotho okuthinta izimpilo zabantu abaningi ezweni. Isinqumo sikahulumeni sokuthatha indlela  yokugcina ukunyuka kwamanani entengo ku-3% siqonde ukuzinzisa amanani nokubuyisa ukuzethemba kwabatshalili zimali, kodwa lesi sinqumo sithathwe ngesikhathi sokonga okukhulu nesikhala esilinganiselwe sezimali. Nakuba lokhu kuvusa  imibuzo emikhulu mayelana nomthelela wawo ekulethweni kwezinsiza zomphakathi kanye nenhlalakahle yabantu.

Iyini i-Inflation Targeting, kungani isetshenziswa?

  1. inflation targeting wuhlelo olusetshenziswa yibhange elikhulu elibekela ukunyuka kwamanani entengo izinga elithile okufanele lingadluli kulo okungu-3% eNingizimu Afrika. Lolu hlelo lusebenzisa izinga lenzalo namanye amathuluzi ezomgcinimafa ukuze luzinzise amanani, ngenhloso yokwakha isimo somnotho esiqondile. Amazwe akhetha le ndlela ukuze alawule izinqumo zomnotho wesikhathi eside, anciphise ukungaqiniseki, futhi akhuthaze ukukhula okuzinzile. Uma ukunyuka kwamanani entengo kugcinwa phansi futhi kuzinzile, abantu bayakwazi ukugcina inani lemali yabo futhi kukhuthazwa ukutshalwa kwezimali kuhulumeni nasembonini.

Izinselelo zomnotho nezenhlalakahle ezibhekene nabantu baseNingizimu Afrika

Yize ukulawulwa kwamanani entengo kunezinzuzo, abantu abaningi bakuleli babhekene nezinkinga ezinzima ezenza ukuthi umthelela wale nqubomgomo ube yinkinga. Ukungabi namisebenzi, ikakhulu kwentsha nabantu abasengozini, kwehlisa ukukhula kwemali engenayo. Ububha, kanye nokwenyuka kwezinto eziyisisekelo njengezokudla, uphethiloli nogesi, kugudluza kakhulu izabelomali zasemakhaya. Ukungabi nokufinyelela kalula ezikhungweni zemalimboleko nasekuqondeni kwezezimali kwandisa ubungozi, okwenza kube nzima ukuthi imindeni izivikele ezinkingeni. Izindawo zasemakhaya zihlala zingenawo amathuba nezinsiza ezanele lokhu, okwandisa ukungalingani ngokwezinga lezenhlalo.

Umthelela ekulethweni kwezinsiza zikahulumeni

Ukulinganiselwa kokunyuka kwamanani entengo ku-3% kungaba nemiphumela ehlukile ekulethweni kwezinsiza. Ngasohlangothini oluhle, ukunyuka okulinganisiwe kwamandla entengo kungasiza ekugcineni izinsiza eziyisisekelo ezempilo, ugesi, imfundo, nezokuthutha zibe sezingeni abantu abakwazi ukulikhokha. Lokhu kusiza imindeni ukuhlela izabelomali zayo ngaphandle kokwesaba ukwenyuka okungazelelwe kwamanani entengo.

Kodwa-ke, lo mkhawulo oqinile unganciphisa amandla kahulumeni okusebenzisa izimali ezikhuthaza umnotho, ikakhulukazi ngesikhathi somnotho ohlehlayo. Izinga eliphezulu lenzalo elisetshenziselwa ukugcina ukunyuka kwamanani entengo phansi linganciphisa ukutshalwa kwezimali kwezingqalasizinda nezinsiza zomphakathi. Ukuncishiswa kwesabelomali ngenxa yokufuna ukugcina amanani entengo phansi kungaholela ekwehlisweni kwezimali ezibhekiswe kwezempilo nemfundo, izikhathi ezinde zokulinda ezibhedlela, noma ukuguguleka kwezingqalasizinda.

Isiphetho

Umkhawulo omusha ka-3% wokulawula ukunyuka kwamanani entengo umela inselele enkulu kwezenqubomgomo yezomnotho eNingizimu Afrika—umzamo wokuzinzisa amanani nokubuyisa ukuzethemba ngesikhathi sokungaqiniseki. Yize ukunyuka kwamanani entengo okuphansi kubalulekile ezingeni likazwelonke, umthelela wakhona oqondile ekulethweni kwezinsiza uxhomeke ekutheni abenzi benqubomgomo bakwazi kanjani ukulinganisela phakathi kokulawulwa okuqinile kwezimali nokuguquguquka kwesabelomali. Ukuze izizwe zonke zizuzwe, kubalulekile ukuthi uhulumeni nababambiqhaza babeke phambili izinhlelo ezibandakanya wonke umuntu.

UDktl. Paul Kariuki uyisikhulu esiphezulu seDemocracy Development Program (DDP), futhi ubhala lombono wakhe ngokuzimela.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *