Kuyacaca umbhikisho ohlelwe iEFF bekungumqhudelwano wokuzihlola amandla

Kucace bha ukuthi umbhikisho obungoMsombuluko womhlaka 20 Mashi, obuhlelwe umholi we EFF uMnu Julius Malema ubufana nje nomqhudelwano wokuzihlola amandla, Phakathi kukAhulumeni, uJulius Malema neqembu lakhe le EFF, kanye nabemboni yamatekisi.

Kuzokhumbuleka ukuthi kusukela ngenyanga kaJanuwari umholi we EFF wamemezela ukuthi kuzoba nokhukhulela ngoqo wombhikisho okuzobe kukhalazelwa inkinga yokucisha kukagesi, ukuphela kwemisebenzi, kanye nokufuna kwesule uMengameli wezwe uMnu Ramaphosa esikhundleni sakhe.

Ngaphambi kosuku lombhikisho sibonile uhulumeni naye elungiselela lolusuku wakhipha amaphoyisa ombutho wakhe we SAPS kanye nombutho wezokuvikela SANDF ngenhloso yokuqapha ukuthi kungenzeki izenzo zodlame njengoba kwake kwenzeka ngezibhelu zika Julayi 2021.

Ngakolunye uhlangothi abemboni yamatekisi nabo bathe abanankinga nombhikisho kodwa ke bona bazoqhubeka basebenze bathuthe abagibeli abadinga ukuya emsebenzini, kwazise bekumenyezelwe ukuthi usuku lwangoMsombuluko akulona iholidi ngakho abantu bakhululekile ukuya emsebenzini, namabhizinisi nawo akhululwa ukuthi avule asebenze.

Nakuba uMalema ubeshilo ukuthi lona kuzoba umbhikisho onokuthula kodwa uhulumeni akazange afune ukuthatha ishansi ngokuthi ahlale angenzi lutho ukuvikela impahla kanye nomphakathi engcupheni yokucekelwa phansi ababhikishi.

Empeleni singasho nje ukuthi ekupheleni kosuku umbhikisho we EFF uhambe kahle ngoba akubanga nazigameko ezitheni ezibikiwe ngaphandle kwedlanzana Labantu ababoshiwe, inqwaba yamathayi aqoqwe amaphoyisa kanye namalunga omphakathi ukuvikela umonakalo obungadalwa umlilo.

Ngakolunye uhlangothi uMalema yena uzishaye isifuba wathi impela uyisikhondlakhondla esinqobile ngoba iningi lamabhizinisi abe valiwe, abantu bangaya emsebenzini bahlala emakhaya okusho ukuthi osomatekisi bona abaphumelelanga ukuthi bathole abagibeli. Kafushane lokhu ngingasho ukuthi impela bekuwumqhudelwano wamandla.