NKOSIE NTOMBELA
Ukwehluleka kwe-IFP ukuqinisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu kanye nokungaziphathi kahle kweziMeya namakhansela sekuvulele i-DA ithuba lokudlala indima enkulu kulo mfelandawonye obekuhloswe ngawo ukuxosha i-ANC emandleni KwaZulu-Natal.
La maqembu amabili ezepolitiki, okumanje, aphezu kokwenza uhlelo lwesivumelwano sokusebenzisana esizokwenza ukuthi i-DA ne-IFP baphathe i-KZN uma i-ANC yehle ngaphansi kuka-50% okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
Ukwehluleka kwe-IFP ukuqinisa ukuhlinzekwa kwezidingo kubantu kanye nokungaziphathi kahle kwezimeya namakhansela sekuvulele i-DA ithuba lokudlala indima enkulu kulo mfelandawonye obekuhloswe ngawo ukuxosha i-ANC emandleni KwaZulu-Natal.
La maqembu amabili ezepolitiki, okumanje anesivumelwano sokusebenzisana aphothula isivumelwano sokusebenzisana esizokwenza ukuthi i-DA ne-IFP baphathe i-KZN uma i-ANC yehle ngaphansi kuka-50% okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ozayo.
Nokho ngenxa yalezi zinsolo zokungaphathi ngendlela okuhambisana nokubonakala sengathi ubuholi be-IFP buhlulekile ukuthwala izimeya namakhansela asolwa ngokungaziphathi kahle, iDA isamile ekutheni i-IFP kumele iqale isayine isivumelwano esizonika i-DA igunya mayelana nezindaba zokuphatha komasipala abaphethwe yi-IFP.
Isivumelwano sokuhlinzekwa kwezidingongqangi sizophoqa i-IFP ukuthi ithathele izinyathelo izimeya zayo namakhansela angasebenzi kahle noma abandakanyeka ekwenzeni okubi.
Yize umholi weDA eKZN uMnuz Francois Rodgers esamile ekutheni iqembu lizimisele ngokusebenzisana ne-IFP, uvumile ukuthi iDA ikhathazekile ngokwenzeka kwabanye omasipala abaholwa yi-IFP.Isibonelo esihle wudaba oluthinta ikhansela eselingene ehlazweni lokukhuluma amazwi anokucwasa ngobulili kowesifazane oyisikhulu kulomasipala,esho.
“Phezu kokuba ubuholi be-IFP buqinisekise ukuthi sekuthathwe isinqumo sokususa lelo khansela kodwa lisasebenza. Lezi ngezinye zezinto njengeDA esikholwa wukuthi zingasetshenzwa ngendlela esivumelwaneni sokuhlinzekwa kwezidingongqangi esinethemba lokuthi sizophothulwa ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.”
Ngaphandle kwalelo khansela i-IFP kudingeke ukuthi ilawule intukuthelo yomphakathi ngemuva kokusabalala kwesiqeshana somsindo weMeya yeqembu kuMasipala waseBaqulusi uMncedisi Maphisa, egxambukela ezindabeni zokuphatha kumasipala.Kulesi siqeshana uMaphisa uzwakale ekhuluma amazwi anokucwasa ngobulili phambi kwesikhulu sikamasipala okungumphathi wesifazane.
Kwabezindaba uMengameli we-IFP uVelenkosini Hlabisa uthe iqembu liphezu kwezinhlelo zokuphothula izinhlaka zokuqapha nokwengamela njengoba selikwazile ukulawula iningi lomasipala balo eKZN ekupheleni kuka-2021.
UHlabisa ukuchithile ukuthi iqembu alikushayi mkhuba ukulethwa kwezidingo kubantu kanye nokungaziphathi kahle kwezimeya namakhansela enhlangano.
“Sengikushilo lokho, kuwo wonke amacala lapho ubuholi be-IFP bebuthola khona izikhalo noma ubufakazi bokuthi kukhona okungalungile obekwenziwa ngabasebenzi be-IFP, sikwenzile,” usho kanje.
Mayelana nodaba lwekhansela, uHlabisa, uvumile ukuthi i-IFP isazosifeza isinqumo sayo sokumsusa esikhundleni.
“Impela kuyiqiniso ukuthi ubuholi be-IFP bathatha isinqumo sokususa ikhansela. Nokho-ke ukuqaliswa kwalesi sinqumo kwamiswa emuva kokuthi ehambise umbiko, okumanje okuphakathi kwawo kusacutshungulwa ubuholi be-IFP.
“Uma lowo mbiko usucutshunguliwe, kuzothathwa isinqumo esingujuqu ngodaba lwamakhansela,” usho kanje.
Mayelana nokusha mayelana nodaba lwekhansela, uHlabisa uthe i-IFP isihlanganise ithimba elizophenya ngezimo ezithinta uphenyo lobugebengu abhekene nalo.
“Okwamanje, ubuholi be-IFP abunasiqiniseko sokuthi ngabe uphenyo lobugebengu luhlobene nezinsolo zokudayisa ngocansi ekhanseleni … isinqumo sizothathwa uma i-IFP isiwaqoqe wonke amaqiniso,” esho.
I-ANC kuMasipala waseBaqulusi ithi i-IFP ihlulekile wukukhipha uMaphisa esikhundleni sobukhansela phezu kwezinsolo ezibucayi abhekene nazo.
UHlabisa nokho umile kwelokuthi ubuholi be-IFP buyisukumele indaba yaseMaphisa.
“Ukhishwe esikhundleni sokuba yiMeya kuMasipala waseBaqulusi. Ngakho-ke akulona iqiniso ukuthi ubuholi be-IFP behlulekile ukwenza okuthile,” usho kanje.
Kungumbono we-ANC ukuthi uMaphisa naye bekumele akhishwe esikhundleni sokuba yikhansela, kodwa uHlabisa uthe besingekho isinqumo sokwenza lokho.
“NjengeQembu LeNkatha Yenkululeko, uma sijezisa ilungu, isijeziso sisuke siqondise ukulungisa le mikhuba ephambene, hhayi ukucekela phansi umuntu. Into i-ANC esicela ukuba siyenze wukuqeda ikhansela uMaphisa. Njenge-IFP asikho ebhizinisini lokucekela phansi abantu.” Kuphetha uHlabisa.

