
SHEILA MHLONGO
Izikhulu zokugcinwa komthetho (Law enforcement Officers) ezingaphezu kuka-3 483, ezisekelwa izikhulu zomgwaqo (Traffic police Officers) zikazwelonke ezingaphezu kuka-105, zithunyelwe ezindaweni ezahlukene KwaZulu-Natal ngesikhathi samaholide ePhasika kanye nempelasonto ende yePassover.
UNgqongqoshe woMnyango Wezokuthutha Nezokuhlaliswa Kwabantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, umemezele lokhu kuthunyelwa ngesikhathi kwethulwa umkhankaso wokuphepha emigwaqeni esifundazweni kuleli sonto, eSikhungweni se-Road Traffic Inspectorate (RTI) eMdloti.
Lo mkhankaso uqale ngokuhlolwa kwezimoto zokuthutha umphakathi, lapho amabhasi angu-17 namatekisi amancane ahlolwe ngaphambi kuka-9 ekuseni. Izimoto ezine nazo zathathwa ngamaqembu e-Operation Shanela kanye ne-Road Traffic Inspectorate.
UDuma uthe ukuvinjelwa kwemigwaqo okwenziwe KwaMashu ngokubambisana neSouth African Police Service (SAPS), iMetro Police yaseThekwini nabanye ababambiqhaza, kusungule isisekelo sokwandisa ukusebenza komthetho emasontweni azayo.
Ubuye wengeza ngokuthi uMqondisi Omkhulu osanda kuqokwa, uZibusiso Dlamini, uhola ithimba elizokuqinisa uhlelo lwe-Nenzani La Ezweni eziteshini zokukala izimoto ezingu-17 esifundazweni.
“Izinga eliphezulu lezimoto ezake zakalwa esiteshini esisodwa kwakungu-40 441 eMidway weighbridge, kanti isilinganiso sanyanga zonke singu-3 370. Sesivele sathatha amaloli athwele ngokweqile kanye nalawo atholakale esebenzisa amaphepha okubhaliswa angamanga,” kusho uDuma.
Uthe umnyango uhlola ukwethulwa kobuhlakani bokwenziwa (AI) ukuze kusimamiswe inqubo yokukala, kuthuthukiswe ukunemba nokulwa nenkohlakalo, kusetshenziswa ubuchwepheshe obufana nokuhlonzwa okuzenzakalelayo kwamapuleti ezinombolo, ukuhlaziywa kwedatha ngesikhathi sangempela kanye nokutholwa kokungahambi kahle.
UDuma uthe isifundazwe sizibekele umgomo wokwehlisa izingozi zokufa kwabantu emigwaqeni ngo-10% ngesikhathi samaholide ePhasika nePassover.
Uphawule ukuthi ngesikhathi sePhasika sango-2025, KwaZulu-Natal yehlise izinga lokufakwabantu ngo-38% uma kuqhathaniswa no-43% ngo-2024.
“Sithumele izikhulu ezingaphezu kuka-3 483 zokugcinwa komthetho kanye nezikhulu zomgwaqo zikazwelonke ezingu-105, ezizosebenza amahora angu-24 ngosuku, izinsuku eziyisikhombisa ngesonto kuze kube umhla ka-3 Meyi 2026,” kusho uDuma.
Izinyathelo eziqinisiwe zokuphepha
UMnyango uveze izinyathelo eziningi zokuthuthukisa ukuphepha emigwaqeni, okuhlanganisa:
• Ukuvinjelwa kwemigwaqo nokuhlolwa kokuhambisana nomthetho: Kuzokwenziwa ukuvinjelwa kwemigwaqo okungu-148, okuhlanganisa imikhankaso engaphezu kuka-80 eqondiswe ekubhekaneni nokushayela uphuzile.
• Ukulawulwa kwesivinini: Kuzokwenziwa imikhankaso engaphezu kuka-118 ezindaweni eziyingozi nezivakashelwa kakhulu yizivakashi nabakhulekeli.
• Ukusebenza phakathi kwezifundazwe: Kuzokwenziwa ukuvinjelwa kwemigwaqo okungaphezu kuka-17 ngamathimba ahambayo okugcinwa komthetho.
• Ukuqapha ukuthuthwa kwabafundi: Kuzokwenziwa imikhankaso engaphezu kuka-91 eqondiswe ezimotweni ezithutha abafundi ngesikhathi samaholide.
UDuma uxwayise ngokuthi izimoto ezingekho esimweni esifanele, okuhlanganisa namatekisi, zizokhishwa emigwaqeni, kanti ukusebenza komthetho kuzobhekisa kubashayeli kanye nabanikazi bezimoto.
Okokuqala esifundazweni, umnyango uzokwethula imikhankaso engu-28 eqondiswe kwabahamba ngezinyawo, ikakhulukazi labo abahamba bedakiwe emigwaqeni emikhulu.
“Sizophinde sihlawulise abahamba ngezinyawo abangasebenzisi amabhuloho abahamba ngezinyawo emizileni ehlukahlukene.”
UDuma uthe kulindeleke ukwanda okukhulu kwezimoto, lapho phakathi kuka-1 500 no-2 000 izimoto ngehora kulindeleke ukuthi zidlule eziteshini zokukhokha kusukela ngoLwesine, 2 Ephreli 2026.
Ukhuthaze bonke abasebenzisi bomgwaqo ukuthi baqaphele futhi balandele imithetho yomgwaqo ukuze kuqinisekiswe ukuphepha ngesikhathi samaholide. – SAnews.gov.za

